Umchazasiphelo

Mayelana Wikipedia
Abagibeli bamahhashi abane besAmbulo, ushicilelo lokhuni oluvela kusithombe- Apocalypse sika Albrecht Dürer (1497-1498), Staatliche Kunsthalle Karlsruhe

Umchazasiphelo (igama lesizulu elihumusha elithi Eschatology; elivela kwelesiGriki ἔσχατος (éskhatos) 'last' + -logy) uyisifundo esiphathelene namathemba okuphela kwalenkathi ekhona, ukuphela komlando wabantu, noma ukuphela kwezwe. Ukuphela kwezwe noma izikhathi zokuphela kuyisehlo esibikezelwa izinkolo eziningana zomhlaba, ezifundisa ukuthi izenzakalo zomhlaba ezimbi zizoqhubeka nokwanda kuze kube uvuthondaba. Inkolelo yokuthi ukuphela komhlaba kuseduze yaziwa ngokuthi "ukubhubha komhlaba", futhi yayilokhu iyingxenye yamalunga ezinkolo ezinkulu kanye namahlelo womhla wokuphela. Ngokuphathelene nobuthinziyeli (mysticism), lelibizo libhekisela ekupheleni kweNgempela elivamile nokubuyisana noNgcwele. Izinkolo ezihlukene zithatha umchazasiphelo njengesenzakalo sangomuso esiqayizelwe emibhalweni engcwele nezinganekwane.


Izinkolo zobu-Abrahama zilandela uchazomkhathilibe oluqondile, olunezigcawu zezikhathi zokuphela eziqukethe izihloko zokuguqulwa nokusindiswa. EbuJudeni bakamuva, ibizo "ukuphela kwezinsuku" luphathelene neNkathi kaMesiya futhi luhlanganisa ukubuthwa kwamaJuda ahlakazwe ekudingisweni, ukufika kukaMesiya, ukuvuswa kwabalungile, kanye nezwe elizayo. Izinye izinhlobo zobuKristu ziveza inkathi yokuphela njengenkathi yosizi eyandulela ukufika kukaKrsitu okwesibili, ezobhekana nokuvela komPhikikristu kanye nelohlaka lwakhe lwamandla nabaqaziyeli bamanga, ezongenisa umBuso kaThixo. Kweyobusulumane, uSuku lokwaHlulela lwandulelwa ukuvela kuka-Masīḥ ad-Dajjāl, futhi lulandelwa ukwehla kukaJesu ( ʿĪsā ), ozonqoba ahlule uMesiya wamanga noma umPhikikristu; okunqotshwa kwakhe okuzoholela ochungechungeni lwezehlakalo ezizogcina ngokuthi ilanga liphume entshona nokuqalisa kwe-Qiyāmah (uSuku lokwaHlulela).