User talk:Mightyprof7

Page contents not supported in other languages.
Mayelana Wikipedia

Ikhasi lomsebenzisi[Hlela umthombo]

Mightyprof7, awuvumelekile ukuveza imininingwane ebucayi yabanye abantu kuma-public platforms. 3atbulletz (talk) 08:31, 30 uMfumfu 2020 (UTC)[reply]

Lokhu okubhalwe lapha bengizifundisa ulwenza ama Tables eWP. Kahle kahle ngisafunda kabanzi i WP MarkUp ukuze ngikwazi ukuhlela kanye nokukhulisa kangcono ama khasi. Lemininingwane iyize leze, akuyo into yangempela. Mightyprof7 (talk) 10:34, 30 uMfumfu 2020 (UTC)[reply]

@Mightyprof7, inkinga ukuthi ayikho indlela yokuqiniseka ukuthi lokhu okushoyo kuyiqiniso noma cha. Kungaba ncono uma ungasebenzisa eminye imininingwane ukuze uzovikela i-account yakho ngoba amanye ama-admin akabheki okuningi ajaha ngoku-block’a, ikakhulukazi uma ezocabanga ukuthi ushicelela imininingwane yabantu ebucayi kwi-public domain. 3atbulletz (talk) 11:23, 30 uMfumfu 2020 (UTC)[reply]

Mandeni kanye nokunye[Hlela umthombo]

Ngibingelele Mightyprof7, izolo wakhe ikhasi elimayelana nendawo yase Mandeni, ngeshwa lelikhasi olakhile yikhasi ebeselakhiwe kwi-ZuWP ngaphansi kwegama elithi (EMandeni). Ngakhoke ngithathe lokhu okubhale kwikhasi (Mandeni) ngakuthuthela kuleli khasi (EMandeni) lelikhasi olakhile ngalenza i-redirect noma isiqondisi. Amakhasi amayelana nezindawo zaseNingizimu Afrika iningi lawo sengiwakhile (93%), into edala ukuthi angatholakali kalula amanye ukuthi iziqondisi (redirects) angikazakhi zonke, njenga leli khasi (IBulwer) uma ubheka lelikhasi kwiZulupedia ubhala kanje (Bulwer) angeke livele ngoba angikasakhi isiqondisi salelikhasi. Okunye, amakhasi ashoda kakhulu kwi-Zulupedia ongasiza kakhulu ngawo ngamakhasi amayelana nabantu abaphilayo kanye nabangasekho (osopolitiki, abaculi, abalingisi...njalo njalo) njengaleli olakhile (Thabani Mdlalose). Engingakuxwayisa ngakho ukuthi ngaphamb’ kokushicelela noma kokwakha i-Athikhili emayelana nomuntu ophilayo kufanele ubheke imithombo kwi-internet (Google, Bing...etc) ezoseka lemininingwane ozobe uyibhale kwi-Athikhili yakho ngoba amanye ama-admins azovele ayisuse i-Athikhili yakho engabuzanga lutho aphinde akuvimbele ekuhleleni iZuWP, athathe ngokuthi ungumuntu ocekelaphansi kube kungenjalo.
Olunye udaba yilolu lwama-links ayisa umfundi we-athikhili kwi-Wikipedia yesingisi...mina angiboni kuwumqondo omuhle lo ngoba kuzoshiya inqwaba yomsebenzi ngokuhamba kwesikhathi. ngibona kungcono ukuthi sishiye ama-redlinks esikhundleni sama-links azosikhomba kwi-Wikipedia yesingisi ngoba ama-redlinks azosikhumbuza ukuthi kumele sakhe ikhasi elimayelana nalesosihloko, esikhundleni sokusebenzisa le code ([[:EN:Politician|uSopolitiki]]) kungcono uma sizoshiya i-redlink ekanje [[Politician|uSopolitiki]] = (uSopolitiki) (njengoba ngenzile kulamakhasi owakhile, ekugcineni i-redirect yalegama "Politician" sizoyixhumanisa nekhasi elithi "uSopolitiki" uma selakhiwe lelokhasi kwi-ZuWP, ngibona kumele sigcine yonke into ngaphakathi kwi-ZuWP futhi akulona ihlazo ukushiya ama-redlinks.
Okokugcina, Umsebenzi wakho uyancomeka futhi kungangijabulisa mangase uqhubeke nokwakha amakhasi azokhulisa futhi azosiza ekuthuthukiseni iZulupedia. Ngibonge, 3atbulletz (talk) 12:27, 7 uMfumfu 2020 (UTC)[reply]

Khethukuthula Mbonambi[Hlela umthombo]

Sawubona Mightyprof7, Ngiyakwamukela kwi-Zulupedia. Ngeshwa, Ngisuse ikhasi olakhile ngoba melingahambisani nenqubomgomo ya-Wikipedia futhi bekusolakala ukuthi ulakhele ukuzikhangisa ngokusebenzisa uWikipedia, okuyinto engavumelekile. Ngisho nakwiWikipedia yesingisi balisusele lesizathu lekhasi olakhile. Uma uqhubeka nokwakha amakhasi okuzikhangisa, kungenzeka i-account yakho ivinjelwe ekuhleleni uWikipedia. 3atbulletz (talk) 08:31, 26 uMandulo 2020 (UTC)[reply]

Ngibingelele Mnumzane user:3atbulletz / @3atbulletz. Ngenkulu inhlonipho, ngifisa ukwazi isizathu okuyisona esenza walisusa ikhasi ngaphambi kokungixwayisa nokunginikeza isikhathi esanele ukuthi ngiqondise, ngilungise ngiphinde ngiqedelele umsebenzi kuleli khasi.

Angazi noma ukwenza nengqubomgomo kuyehluka na kune Wikipedia yeSilungu lapho onikezwa khona ithuba lokulungisa ikhasi ngaphambi kokuba liqokwe njengelizosuswa (Nominated for deletion) kanye nokubuyiselwa ebhodini lokulungisa ikhasi (Move To DraftSpace). Yikuphi lokhu okwenza ube namandla amakhulu kangaka okususa ikhasi ngaphandle kokuqala ngokwenza lokhu okungenhla? Ngingajabula uma impendulo yakho izongicaphunela naku Somqulu we Wikipedia (Wikipedia Policy) ukuze ngifunde kabanzi.

Ngibonge Kakhulu

Mightyprof7 (talk) 08:49, 26 uMandulo 2020 (UTC)[reply]
Mightyprof7, Kumele uqonde ukuthi iWikipedia isebenzisa inqubomgomo efanayo noma ecishe ifane kuwo wonke amaWikipedia (WPs) ngisho nalawa ezinye izilimi, kumaWPs amancane umthetho khona uthanda ukuqina kakhulu ngoba isikhathi esiningi ama-admins asuke elwa ne-Vandalism.
Asibuyele kulelikhasi engilisusile (Khethukuthula Mbonambi), lelikhasi selisuswe kawu-5 noma ngaphezulu kwiWP yesingisi, lasuswa ngisho nakwi-draftspace (le okhala ngayo) ube unikezwe inqwaba yesikhathi sokuthi ulilungise futhi ulithuthukise kodwa wangazixaka ngaleyonto, enye i-admin ize yathi "Editor has not acted upon reviews and has made no improvements", lokho okunginikeza isithombe esingesihle ngawe njengo mhleli we-WP. Okunye, amakhasi noma ama-athikhili amayelana nabantu abaphilayo adinga ucwaningo kanye nenqwaba yemithombo (Kulandelwa lomgomo, ongawucindezela uwufunde), yingakho esuswa ngesivinini uma engenazo lezozinto. Ngokubona kwami, wena ufuna ukuzikhangisa noma ukukhangisela omunye umuntu ngokusebenzisa iWikipedia, okwiyinto engavumelekile.
Okokugcina, uthi angikucaphunele kuSomqulu we WP? mina lokho ngikubona njengokuthela amanzi emhlane wedada ngoba amanye ama-admins asekucaphunele more than 5 times kuSomqulu we wikipedia akunikeza nezaluleko eziningi zokuthuthukisa lelikhasi (Khethukuthula Mbonambi) kodwa wangazihlupha ngokuyifunda...Mightyprof7, Angeke ngisaludingida loludaba. Ube nosuku oluhle, 3atbulletz (talk) 11:30, 26 uMandulo 2020 (UTC)[reply]
Ama-autobiographies awavunyelwe. Ithathwa njengogaxekile. Uma uqhubeka, kungaholela ekulahlekelweni kwamalungelo wokuhlela. Lefcentreright (talk) 13:36, 26 uMandulo 2020 (UTC)[reply]

Sawubona kusihlwa. Yebo, ungahlela futhi andise sihloko. Nawa amanye amawebhusayithi angasiza:

Siyabonga ngokuthatha inzalo. Lefcentreright (talk) 19:13, 6 uMfumfu 2020 (UTC)[reply]