User talk:SmangaMbongwa

Page contents not supported in other languages.
Mayelana Wikipedia

Amanikelo Akho[Hlela umthombo]

Ngibingelele SmangaMbongwa, k'yathokozisa ukubona amanikelo akho kwi-wikipedia yesizulu, ungakhohlwa ukufaka ama-categories emakhasini amasha, uma wakha noma udala ikhasi elimayelana nomculo ungafaka lama-categories ezansi kwekhasi;

  • [[Category:Abaculi]] (uma lelo khasi limayelana noMculi)
  • [[Category:Izinhlobo zomculo]] (uma lelo khasi limayelana nohlobo lomculo (ngesingisi: Genre) njengaleli Amapiano.)

Uma ikhasi limayelana nomculi noma ngomculo wase Ningizimu Afrika, ungasebenzisa lawa;

  • [[Category:Umculo wase Ningizimu Afrika]] + [[Category:Izinhlobo zomculo]] (uma limayelana nomculo wase Ningizimu Afrika noma uhlobo lomcubo wase Ningizimu Afrika, ungawasebenzisa womabili ekhasini elilodwa njengoba ngenzile kuleli khasi Amapiano.)
  • [[Category:Abaculi baseNingizimu Afrika]] (uma limayelana nomculi wase Ningizimu Afrika, uma limayela nomculi wase Melika ungasebenzisa leli [[Category:Abaculi baseMelika]] njll...)

Ngicela uqhubeke nomsebenzi omuhle owenzayo, uma wenzanjalo ngizophakamisa igama lakho ukuze nawe wenziwe i-administrator ye zu-wp. Okunye, ngicela ukubuza...ngabe uhlala kuphi ne-Ningizimu Afrika? 3atbulletz (talk) 15:00, 26 uNhlolanja 2021 (UTC)[reply]

Ngyabonga kakhulu. Ngizokwenza njalo.

Ngihlala eMnambithi, KwaZulu Natali. SmangaMbongwa (talk) 01:09, 27 uNhlolanja 2021 (UTC)[reply]

Ngibingelele @SmangaMbongwa, ungakwazi ukwakha i-user page yakho? noma kungaba yigama nesibongo sakho noma icashaza nje elinjengaleli (•) noma kungaba yinoma yini oyithandayo as long as leyonto ingayiphuli inqubomgomo ye-wikipedia, lokhu kuzosiza abanye abantu ukuthi bafike kalula ekhasini lakho futhi kube lula ukuthi uthole imiyalezo ethinta i-account yakho. 3atbulletz (talk) 13:36, 2 uNdasa 2021 (UTC)[reply]

Ngizokwenza njalo. SmangaMbongwa (talk) 15:50, 2 uNdasa 2021 (UTC)[reply]

@SmangaMbongwa, Ngibingelele Bafo, ngiyaxolisa ngokuthatha isikhathi eside ukuze ngiphendule imiyalezo yakho, empeleni isikole singimise kabi.
Ngingaliphakamisa igama lakho ukuze wenziwe i-admin yale wikipedia noma udinga isikhathi sokuyicabangisisa lendaba? Ngibonge, 3atbulletz (talk) 12:56, 4 uNdasa 2021 (UTC)[reply]

Ungaliphakamisa bafo ngingabonga kakhulu. SmangaMbongwa (talk) 14:33, 4 uNdasa 2021 (UTC)[reply]

@SmangaMbongwa, isicelo sakho sengisifakile kuleli khasi, uma abanye abantu besiseka isicelo sakho futhi sekudlule izinsuku eziyisikhombisa (7) kumele ufake esinye isicelo kuleli khasi. Uma udinga usizo ekufakeni isicelo kwi-metawiki ungithinte bafo ungasabi, Ngibonge 3atbulletz (talk) 16:56, 4 uNdasa 2021 (UTC)[reply]

Kubonga mina bafo SmangaMbongwa (talk) 22:56, 4 uNdasa 2021 (UTC)[reply]

@SmangaMbongwa, uma uzofaka umthombo noma i-reference oyithole kwi-internet, kumele usebenzise le-template (Cite web) khona kuzobukeka futhi umuntu ofundayo athole ulwazi ukuthi lowomthombo umayelana nani. Uma uthola isikhathi, ungafunda Lomgomo.
  • Uma wenza kanje <ref>https://www.ecr.co.za/news/sport/sunfoil-dolphins-sign-associate-sponsor/</ref> uzothola into ekanje (Cindezela lenamba encane elandelayo).[1]
    • lendlela ayibukeki futhi ayivezi ukuthi umthombo umayelana nani, yingakho iningi labantu lingayisebenzisi. (Nami ngisanda kufika, ngangiyisebenzisa lendlela, ngokuhamba kwesikhathi ngayiyeka)
  • Uma wenza kanje <ref>{{cite web|url=https://www.ecr.co.za/news/sport/sunfoil-dolphins-sign-associate-sponsor/|accessdate=5 kuNdasa 2021|publisher=ecr.co.za|title=Sunfoil dolphins sign associate sponsor}}</ref> uzothola into ekanje (Cindezela lenamba encane elandelayo).[2]
    • Lendlela iyona elungile futhi isetshenziswa kakhulu.
  • Uma wenza kanje <ref>[https://www.ecr.co.za/news/sport/sunfoil-dolphins-sign-associate-sponsor/ "Sunfoil dolphins sign associate sponsor"]. ecr.co.za. Kulandwe ngomhlaka 5 kuNdasa 2021.</ref> uzothola into ekanje (Cindezela lenamba encane elandelayo).[3]

Imithombo[Hlela umthombo]

  1. https://www.ecr.co.za/news/sport/sunfoil-dolphins-sign-associate-sponsor/
  2. "Sunfoil dolphins sign associate sponsor". ecr.co.za. Kulandwe ngomhlaka 5 kuNdasa 2021.
  3. "Sunfoil dolphins sign associate sponsor". ecr.co.za. Kulandwe ngomhlaka 5 kuNdasa 2021.

Ngibonge kakhulu bafo SmangaMbongwa (talk) 21:37, 5 uNdasa 2021 (UTC)[reply]