Usuku lwenkululeko
Usuku Lwenkululeko eNingizimu Afrika phecelezi iFreedom Day. Lolu suku eNingizimu Afrika lugujwa mhla zingama-27 uMbasa minyaka yonke. Lolu suku lubalulekile kakhulu ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika ngoba yilapho abantu abansundu bathola inkululeko, kwasuswa ubandlululo ngonyaka we-1994[1]. Leli holide liyinxenye yamaholide asemthethweni aseNingizimu Afrika njengoba kugunyazwa nguMthetho wamaHolide Omphakathi (wama-36 wangonyaka wama-1994).
INingizumu Afrika igubha Usuku Lwenkululeko okokuqala[hlela | Hlela umthombo]
Mhla zingama-27 uMbasa 1994 uDkt Nelson Mandela wavota okokuqala okhethweni lazo zonke izinhlanga endweni yokuvota (Isingisi:Polling Station) eyabe iseOhlange High School[2]. UMandela wakhetha lendawo ngoba efuna ukunika isizawe sabanzundu ukwethemba ukuvota. Wakhetha lendawo ngoba ilapho kufihlwe khona uMongameli wokuqala uJohn Langalibalele Dube [3] futhi wabe efuna ukuyophonsa itshe uthuneni likaDube (lay a wreath)[2]. UMandela wama eceleni kwethuna washo lamagama: "Mnu Mongameli ngize lapha ukuzokubikela ukuthi iNingizimu Afrika ikhululekile Namhlanje."[4].
Imithombo[hlela | Hlela umthombo]
- ↑ "South Africa: Voters registration". South Africa: Voters registration. Electoral Institute for Sustainable Democracy in Africa. Archived from the original on 4 July 2015. Kulandwe ngomhlaka 27 April 2015.
- ↑ 2.0 2.1 Mandela:The Authorised Biography – by Anthony Sampson, Africa Confidential. Retrieved 31 July 2013
- ↑ Mandela, Nelson. Long Walk to Freedom. cited here. Kulandwe ngomhlaka 31 July 2013.
- ↑ Photo of display in Inanda Archived 2013-07-15 at the Wayback Machine.. Retrieved 1 August 2012