Xawela

Mayelana Wikipedia

IShawela (Xawela) umuzindawo otholakala kuMasipala wendawo ye-Greater Giyani Local Municipality kwisifundazwe/iprovinsi yase-Limpopo eNingizimu Afrika (South Africa).[1][2] Lo muzindawo wakhiwa ekuqaleni kweminyaka  yoma 1960 ngaphansi kwe-homeland noma i-bantustan yeGazankulu. Kukhona izigaba ezimbili (2) eShawela, kanti kunabaholi abathathu. Kukhona iMahumani ville, kanye nendawokazi yeShawela. Umholi weMahumani ville nguNdhuna Makhongele kanti umholi wendawokazi yeShawela yena nguNdhuna Manganyi kanye noNdhuna Cuma.

Ezepolitiki[hlela | Hlela umthombo]

Iqembu elihola phambili kule ndawo yi-ANC kanti iKhansela yeWadi nguWilliam Mthombeni. Inkosi yohlanga lwendawo eShawela nguNkosi Mahumani (uNkosi Nkomo).Template:Ifsubst

Ezemfundo[hlela | Hlela umthombo]

Kukhona izikole ezintathu eShawela, amagama azo yiBaleni Primary School (1960s); iKhwezu Primary School (1993); kanye neMukula High School. Template:Ifsubst

Ezemidlalo[hlela | Hlela umthombo]

Kune-Shawela United okuyiqembu elikhulukazi lendawo. Lapha kusetshenziswa i-JB Chauke Stadium lapho kunamameshi adlalelwa ekhaya. Ngonyaka ka 2012, iShawela United yathola indlondlo yokuba ngompetha kwithonamenti kaNgqongqoshe wezokusebenzisana kwemikhakha kahulumeni nabaholi bendabuko, pheceleni, u-Minister of Cooperative Governance and Traditional Affairs.[3]

Imibono ngezenkolo[hlela | Hlela umthombo]

Kukhona i-El Shaddai international evangelism explosion eMahumani ville eliholwa ngu-Prophet Isaiah Sibanda ne-Gospel Pentacostal Church eMahumani ville eholwa ngu-Pastor Mpakathi we-Assemblies of God kwindawokazi enkulu yeShawela ebese kuba ne-Baleni full gospel church kwindawokazi yeShawela ne-Brightness of God ka-Pastor Ngoveni yena kanye ne-Light of the World ka-Prophet Lawrence Khosa Jerusalem ka-Pastor Mthuki

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Orlando Chauke (June 28, 2011). "Villagers regard initiation school as a racket". The Star. Johannesburg: Independent Online. Kulandwe ngomhlaka June 25, 2014.
  2. "Burial of "wrong man" leads to violence at Shawela". Limpopo Mirror. May 30, 2014. Kulandwe ngomhlaka June 25, 2014.
  3. http://www.zoutnet.co.za/details/24-02-2012/shawela_united_wins_minister_baloyis_tournament/11940