IZimbabwe
IRiphabliki yaseIZimbabwe |
|||||
|---|---|---|---|---|---|
| Isaga: "Unity, Freedom, Work"[1] | |||||
| Inkondlo: Simudzai Mureza WeZimbabwe (Shona) Kalibusiswe Ilizwe leZimbabwe (Sindebele) "Blessed be the land of Zimbabwe"[2] |
|||||
| Idolobha elikhulu | IHarare | ||||
| Izilimi | IsiNgisi, isiShona, isiNdebele | ||||
| Abantu | BaZimbabwe | ||||
| Government | IRiphabliki womongameli ingengxenye | ||||
| - | Umongameli Emmerson Mnangagwa | ||||
| - | Umongameli isekela | uEmmerson Mnangangwa uDr Constantino Chiwenga and Kembo Mohadi | |||
| - | Ungqongqoshe phezulu isekela | ||||
| Ukwenza | |||||
| - | Ukuzisa ahlukana wOmbuso Ohlangeneyo | 11 ngoLwezi 1965 | |||
| - | Ukuthatha ahlukana | 11 ngoMbaso 1980 | |||
| Ubukhulu | |||||
| - | Jikelele | 390,757 km2 (60) 150,871 sq mi |
|||
| Inani labantu | |||||
| - | 2009 ukulinganisa | 12,521,000 (68) | |||
| - | Ixuku labantu | 26/km2 57/sq mi |
|||
| Imali | iRandi (RSA), Upula (P), Upondo (GBP), iDola ($), Euro (€) | ||||
IZimbabwe yizwe lase Afrika. Lezwe linemingcele neNingizimu Afrika, iButswana, iZambiya kanye neMozambiki. Igama elithi Zimbabwe livela egameni elithi "dzimba dzamabwe" elisho "indlu yamatshe" ngolimi lwesiShona.[3] Indlu yamatshe, egcinwe njengendawo yomlando, yayiyisihlalo soMbuso weMutapa inkosi yawo eyayibusa le ndawo ezikhathini zasendulo.
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]Umlando wakuqala
Izakhamuzi zokuqala kukholakala ukuthi zingabazingeli bomphakathi wakwaWasani. Emakhulwini okuqala AD kwafika abantu abasha ababenamakhono ezolimo kanye nokwenza umsebenzi wezinsimbi. Kusukela ngekhulu le-11, iZimbabwe yanamuhla ibe nemibuso enamandla emzileni obalulekile wokuhwebelana, ikakhulukazi umbuso waseMutapa.
Ubukoloni
I-Cecil Rhodes' British South Africa Company yasungula imingcele yamanje ngeminyaka yawo-1890. Ikoloni laseBrithani lasungulwa ngo-1923 ngaphansi kwegama le-Southern Rhodesia. Ngo-1965, uhulumeni wase-Europe wamemezela inkululeko egameni leRhodesia kuphela. Ngemva kweminyaka engu-14 yokuhlukaniswa kwamanye amazwe kanye nokulwa nezakhamuzi zase-Afrika ngeminyaka yawo-1970, isivumelwano sika-1979 savumela zonke izakhamuzi ukuba zibe nelungelo lokuvota futhi izwe lakhululeka ngempela ngaphansi kwegama leZimbabwe ngo-1980.
Ngemva kokuzimela
UMongameli Robert Mugabe waduma kwezombusazwe njengomuntu owayelwisana lobukoloni kodwa waphinda waba ngumashiqela owabuyisela emuva umnotho wezwe. Ngemva kokuphoqwa libutho ukuthi asule esikhundleni, mhlaka 24 Lwezi 2017 u-Emmerson Mnangagwa waba ngumongameli omutsha weZimbabwe.
Abantu
[hlela | Hlela umthombo]Iningi lezakhamizi (82%) lingabesizwe samaShona, eningizimu Africa babizwa ngama kwerekwere 14%. ngamaNdebele, 2% abezinye izizwe zase-Afrika, 1% ngamaMachotara, amaNdiya, abeLungu, njll. Njengamanje kunezilimi ezisemthethweni eziyi-16. Izilimi eziyinhloko isiShona (70%) nesiNdebele (20%). IsiNgisi siwulimi lokuqala lwabantu abangaphansi kuka-2.5%. Ngokwenkolo, ama-84.1% angamaKristu (ikakhulukazi amaSheshi, ama-8% angamaKhatholika, amaSabatha namaWeseli). Abanye bangabalandeli bezinkolo zendabuko zase-Afrika (4.5%), bangamaSulumane (0.7%), noma abanayo inkolo (10.2%).
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Beaver County Times (13 September 1981). Zimbabwe. The Beaver County Times. http://news.google.com/newspapers?id=AFwtAAAAIBAJ&sjid=ydkFAAAAIBAJ&pg=3340,2548451&dq=zimbabwe+unity-freedom-work&hl=en. Retrieved 2 November 2011.
- ↑ CIA (2011). The World Factbook – Zimbabwe. 2011. Central Intelligence Agency. Archived from the original on 16 April 2020. https://web.archive.org/web/20200416053740/https://www.cia.gov/library/publications/the-world-factbook/geos/zi.html. Retrieved 2 November 2011.
- ↑ https://web.archive.org/web/20110503184153/http://www.somalipress.com/zimbabwe-overview/zimbabwe-big-house-stone-1145.html
