Zwide kaLanga

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Zwide ka Langa)

uZwide kaLanga waye yindodana kaLanga inkosi yamaNdwandwe. Wayeyisitha esikhulu sika Shaka, amabutho kaZwide amaPhela namaNkayiya aye satshwa kakhulu kanti futhi nonina kaZwide uNtombazi wayesatshwa ngoba iLawu lakhe lalihlotshiswe ngamakhanda amadoda anqotshwe uZwide.

uZwide wayekade eyinkosi yamaNdwandwe (Nxumalo). Uzalwa uLanga ka Xaba noNtombazi. Wayekade edume ngempi ayeyiphakela izitha zakhe. Amabutho akhe Amaphela,AmaNkayiya ayesatshwa kakhulu ngaphambi kokhuthi kufike uShaka kaSenzangokhona namabutho akhe elalidume kakhulu uMbelebele. uZwide wanqotshwa ngu Shaka.