Jump to content

Busisiwe Mkhwebane

Kubuya ku Wikipedia
Busisiwe Mkhwebane
Public Protector Busiswe Mkhwebane briefing the media on 1 July 2019
4th Public Protector of South Africa
Isikhathi:
19 October 2016 – 9 June 2022
Deputy Nompilo Kholeka Gcaleka[1]
Appointed by President Jacob Zuma
Emva kwa Thuli Madonsela
Ukwazisa
Ubezalwa Busisiwe Joyce Mkhwebane
(1970-02-02) 2 ngoNhlolanja 1970 (Iminyaka 56)
Bethal, IMpumalanga, IRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika
Alma mater University of the North
Rand Afrikaans University
University of South Africa
Occupation
Profession Advocate

UBusisiwe Mkhwebane ungumphikeli waseNingizimu Afrika nomshushisi owakhonza njengomvikeli womphakathi wesine kusukela ngo-Oktoba wezi-2016 kufika lapho egudluzwa ngoSepthemba wezi-2023. Kulandela ukugudluzwa kwakhe, wakhonza njengelungu lePhalamende laseNingizimu Afrika kusukela ngo-Oktoba wezi-2023 kuya ku-Okthoba wezi-2024, emele iqembu le-EFF. Waba inhloko yokuqala yeSikhungo Sesahluko sethoba ukuba isuswe ngomdludlungu wokugudluzwa.

uMlando nemfundo

[hlela | Hlela umthombo]

UMkhwebane wazalelwa eBethal eMpumalanga ngomhlaka 2 Febhuwari 1970, wenza ibanga leshumi eMkhephula Secondary School ngo-1988.Uthole iziqu ze-BProc elandelwa yi-LLB evela e- University of the North (manje eyi-University of Limpopo).Ngemuva kwalokho, wathola idiploma yezomthetho wezamabhizinisi kanye nediploma ephakeme ngentela eRand Afrikaans University (manje eyi-University of Johannesburg).Ngo-2010 waphothula iMasters in Business Leadership e- University of South Africa.

Umsebenzi

[hlela | Hlela umthombo]

Ngowe-1994, uMkhwebane waziqhaza noMnyango Wezobulungiswa njengomshushis, kamuva ngowe-1996 njengeSikhulu Sezomthetho oPhikweni Lezindaba Zamazwe Omhlaba. Ngowe-1998, waziqhaza neKhomisahana Yamalungelo Abantu eNingizimu Afrika njengomcwaningi ngqangi. Ngonyaka olandelayo, waziqhaza neHhovis loMvikeli Womphakathi njengomphenyi ngqangi nanjengebamba elimele isifundazwe. Ngowezi-2005, e-Ashiya ukuze ayosebenza noMnyango Wezasekhaya njengomqondisi wezindaba zababaleki, waba ibamba lomqondisi oyinhloko kwezokuphathwa kwabafuna ukukhoselwa ngowezi-2009.

Kusukela ngowezi-2010 kuya kowezi- 2014, wasebenza njengommeli ehhovisi Lezinkonzo Zabantu Nezokufika ezimndlini zamanxusa aseNingizimu Afrika aseShayina.[2] Umbiko owakhishwa INhlangano ebizwa report by the Organised Crime and Corruption Reporting Project waveza ukuthi ngalesikhathi isihawuza sakhe sasebhange savalwa ibhange elibizwa HSBC ngenxa yokwamukela Imali eyizi-US$5000 evela emndenini wakwaGupta ngokuphathelene nesivumelwano esiyinkinga sojantshi nenkamapani yaseShayina ebizwa China South Rail.[3][4] UMkhwebane waziphika lezi zinsolo zokuthi wathola Imali emndenini wakwaGupta.[5]

Ngowezi-2014, wabuya eNingizimu Afrika ukuze azosebenza njengomqondisi kwezokuphathwa kokwaziswa kwezwe nokubambisana eMnyangweni Wezasekhaya. UMkhwebane naleso sikhathi wasebenza njengomhlaziyi woHlaka Lezokuphepha Kombuso kusukela ngoJuly wezi-2016 kuya kuOktoba wezi-2016 ngaphambi kokuba aqokwe njengoMvikeli Womphakathi ngo-Oktoba wezi-2016. Ngenkathi eqokelwa kulesi sikhundla, kwavezwa ukuthi wayenobudlelwane nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.[6]

Wakhonza njengelungu lebhodi Loxhaso Lababaleki, lapho izimbali noxhaso lwezimali lwalufakwa khona ukusiza ababaleki abasosizini.[7] Ukhonza njengoMqondisi Wokuthuthukisa kohwebo enkamoanini ebizwa Iyanilla Bricks.[8]


Umklamo wePulazi lomchago laseVrede

[hlela | Hlela umthombo]

NgoMeyi 2019, umbiko kaMkhwebane ophathelene neVrede Dairy Project kwathiwa awuhambisani noMthethosisekelo futhi wabekelwa eceleni, iNkantolo eNkulu yaseGauteng yathola ukuthi uMvikeli woMphakathi wehlulekile emisebenzini yakhe yokuphenya ngalolu hlelo.Ihhovisi loMvikeli Womphakathi liyalelwe ukuthi likhokhe izindleko zale nselelo, ezinye izindleko zanikezwa uMkhwebane uqobo. NgoJuni 2022, uMengameli uCyril Ramaphosa wamisa uMxazululi weRiphabhulikhi u-Busisiwe Mkhwebane, oqokwe ukuthi aphathe uphiko olulwa nenkohlakalo ngowayenguMengameli uJacob Zuma futhi ohlale esolwa ngokuchema.

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ "President Ramaphosa appoints Deputy Public Protector". The Presidency. Archived from the original on 24 November 2020. Kulandwe ngomhlaka 11 March 2020. President Cyril Ramaphosa has appointed Advocate Nompilo Kholeka Gcaleka as Deputy Public Protector of the Republic of South Africa for a period of seven years effective from 1 February 2020.
  2. ↑ "A profile of Adv Busisiwe Mkhwebane - Office of the PP - DOCUMENTS". www.politicsweb.co.za. 26 June 2019. Kulandwe ngomhlaka 2019-07-29.
  3. ↑ Cameron, Jackie (2019-07-31). "HSBC joins dots from Gupta-friendly public protector to Chinese rail company kickbacks". BizNews.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2019-08-01.
  4. ↑ JORDAAN, NOMAHLUBI (30 July 2019). "$5,000 payment to Mkhwebane flagged by HSBC bank: report". TimesLIVE (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2019-08-01.
  5. ↑ "Mkhwebane denies Gupta financial links". SABC News (in i-English). 2019-07-30. Kulandwe ngomhlaka 2019-08-01.
  6. ↑ Mkhwanazi, Siyabonga (28 July 2019). "How PP Busisiwe Mkhwebane went from 'nowhere' to centre of political storm". www.iol.co.za (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2019-07-29.
  7. ↑ "Profile: Advocate Busisiwe Mkhwebane". Archived from the original on 19 October 2016. Kulandwe ngomhlaka 17 October 2016. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  8. ↑ "Public Protector Interview: Busisiwe Mkhwebane". Archived from the original on 19 October 2016. Kulandwe ngomhlaka 17 October 2016. Unknown parameter |url-status= ignored (help)