Jump to content

INzululwazi yeMininingo

Kubuya ku Wikipedia
Ukuba khona koBhaqanyezi olubizwa C/2020 F3 (evezwe njengochunge lwamachashazi abomvu) kwavubukulwa ngokuhlaziya imininingoyocwaningo lwezinkanyezi etholwe yisihlongamkhathi, i- Wide-field Infrared Survey Explorer .

INzululwazi yeMininingo iwumkhakha wakwaNgqobdonkulu ovubuqeqesho [1] olusebenzisa izibalomininingo, ukucikiza kwenzululwazi, indlelasu yenzululwazi, imidludlungu, imikholezima nezimiso zokugqoba ulwazi nemininingo engahleliwe.[2]

INzululwazi yeMininingo ibuye ididiyele isidlangala solwazi kusuka kwezinye izidlangala ezikhona (isb. inzululwazi yemvelo, Ubuchwepheshe boKwaziswa, nezokwelapha).[3] Inzululwazi yeMininingo iminxaminingi futhi ingachaziswa njengenzululwazi, isifaniselo socwaningo, uqeqesho, nobungcwepheshi.[4]

INzululwazi yeMininingo "iyisicabango sokubumba izibalomininingo, isihlaziyo semininingo, kanye nemikhakha ehlobene "ukuze kuqondwe futhi kuhlaziyeke izimongotho zangempela" ngokusebenzisa imininingo.[5] Isebenzisa ubuchule nemibono emonculwe emikhakheni eminingi esemongweni womchazazibalo, izibalomininingo, inzululwazi yesicikizi, iNzululwazi yoKwaziswa, kanye nesidlangala solwazi.[6] Nokho, inzululwazi yemininingo ihlukile kunenzulululwazi yesiCikizi nenzululwazi yokwaziswa. Owahlomula ngoMhlumulo kaTuring, uJim Gray wakhanyanga inzululwazi yemininingo "njengesifaniselo sesine" senzululwazi, futhi manje wagomela ngokuthi "yonke into ephathelene nenzululwazi isiyaguquka ngenxa yegalelo lobuchwepheshe bokwaziswa nozamcolo wemininingo.[7][8]

uSomniningo uyingcwepheshi ekhanda umkitizo wokuhlelelisa bese iwuxubanisa nolwazi lwezibalomniningo ukuze adale ubuhlakani ngemininingo.[9]

Izisekelo

[hlela | Hlela umthombo]

Inzululwazi yemininingo iwumkhakha ovubuqeqesho ohlozinge kakhulu ekumonculeni ulwazi okuvela emaqoqeni eminingi amakhulu nokusebenzisa lolo lwazi oluvela emininingweni ukuxazulula izinkinga kwezinye izidlangala. Lo mkhakha uhlanganisa ukulungiselela imininingo ukuba ihlaziywe, ukubumba izinkinga zenzululwazi yemininingo, nokufingqa okufunyenwe.

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Donoho, David (2017). "50 Years of Data Science". Journal of Computational and Graphical Statistics. 26 (4): 745–766. doi:10.1080/10618600.2017.1384734. Unknown parameter |s2cid= ignored (help)
  2. Dhar, V. (2013). "Data science and prediction". Communications of the ACM. 56 (12): 64–73. doi:10.1145/2500499. Archived from the original on 9 November 2014. Kulandwe ngomhlaka 2 September 2015. Unknown parameter |s2cid= ignored (help); Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  3. Danyluk, A.; Leidig, P. (2021). Computing Competencies for Undergraduate Data Science Curricula (PDF). ACM Data Science Task Force Final Report (Report).
  4. Mike, Koby; Hazzan, Orit (2023-01-20). "What is Data Science?". Communications of the ACM. 66 (2): 12–13. doi:10.1145/3575663. ISSN 0001-0782.
  5. Hayashi, Chikio (1998-01-01). "What is Data Science? Fundamental Concepts and a Heuristic Example". In Hayashi, Chikio; Yajima, Keiji; Bock, Hans-Hermann; Ohsumi, Noboru; Tanaka, Yutaka; Baba, Yasumasa. Data Science, Classification, and Related Methods. Studies in Classification, Data Analysis, and Knowledge Organization (in i-English). Springer Japan. pp. 40–51. doi:10.1007/978-4-431-65950-1_3. ISBN 9784431702085.
  6. Cao, Longbing (2017-06-29). "Data Science: A Comprehensive Overview". ACM Computing Surveys. 50 (3): 43:1–43:42. doi:10.1145/3076253. ISSN 0360-0300. Unknown parameter |s2cid= ignored (help)
  7. Tony Hey; Stewart Tansley; Kristin Michele Tolle (2009). The Fourth Paradigm: Data-intensive Scientific Discovery. Microsoft Research. ISBN 978-0-9825442-0-4. Archived from the original on 20 March 2017. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  8. Bell, G.; Hey, T.; Szalay, A. (2009). "Computer Science: Beyond the Data Deluge". Science. 323 (5919): 1297–1298. doi:10.1126/science.1170411. ISSN 0036-8075. PMID 19265007. Unknown parameter |s2cid= ignored (help)
  9. Davenport, Thomas H.; Patil, D. J. (October 2012). "Data Scientist: The Sexiest Job of the 21st Century". Harvard Business Review. 90 (10): 70–76, 128. PMID 23074866. Kulandwe ngomhlaka 2016-01-18.