Isikhumbuzo SeSilo uShaka

Isikhumbuzo SeSilo uShaka siyisiza sefagugu esesifundazweni saKwaZulu-Natali eNingizimu Afrika. Kulendawo yilapho kulele khona Ilembe eleqa amanye amalembe okuyiSilo samaZulu uShaka kaSenzangakhona maduzane nendawo lapho asocongelwa kuyo ngabofowabo uDingane kanye noMhlangana, endaweni yakwaDukuza mhla zingama-24 kuSepthemba we-1828 ehlezi edwaleni, namuhla eliseduze nesikhumbuzo.[1] Le litshe lesikhumbuzo lakhiwa endaweni yaseNewcastle, lamiswa ngonyaka we-1932 eduze nedlinza lakhe uShaka.[2]
Ngaphambi kokufika kwenkululeko eNingizimu Afrika, Usuku Lwamagugu labe laziwa njengoSuku lulaShaka (Shaka's Day) eNatali lapho kwabe kubungazwa khona Inkosi YakwaZulu uShaka kaSenzangakhona owaba negalelo elikhulu ekubunjweni kwesizwe sakwaZulu nangokuhlanganisa amasendo ahlukene. Unyaka nonyaka ngaleli holide abantu bahlangana khona esikhumbuzweni seNkosi uShaka ukutshengisa inhlonipho kuye ngalolu suku.[3]
Izithombe
[hlela | Hlela umthombo]- Idlinza leNkosi uShaka.
- Idlinza leNkosi yamaZulu uShaka kwaDukuza.
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Detailed account of Shaka's life and death Archived 2016-03-04 at the Wayback Machine., accessed 5 May 2012
- ↑ South African Heritage Resource Agency database[dead link]
- ↑ King Shaka Day celebrations, accessed 5 May 2012