Ibane

Mayelana Wikipedia

Ibane liyinhlayiyana eyisisekelo engumngako wewonga, okuhlanganisa nemiyonzi yenzubawonga efana namaza okukhanya namaza omsakazo, kanye nesithwali siphoqi sesiphoqi senzubawonga. Amabane ayizinhlayiyana ezifufukisa ukukhanya. Ngamanye amazwi, ukukhanya buthwalwa amabane lapho buhamba emkhathini. Kwezobunguxa bomngako (quantum mechanics) ibane ngalinye linesici sempekumpeku yomngako encike emjingeni: Ibane eliyamaniswa nokukhanya emjingeni ophezulu lizoba nesidlakalasi esiningi (futhi lizoyamaniswa nokukhanya kubangacuphi elifuphi).

Njengezinye ezinhlayiyana eziyisiseko, amabane achazwa ingqanda ngezobunguxa bomngako futhi akhipha ububili benhlayiya-maza, ukucondoza kwawo kunolwangu lwezakhi zakho kokubili izinhlayiyana namaza. Isicabango sanamuhla sebane sadabuka eminyakeni eyishumi yokuqala yekhulu lama-20 ngomsebenzi owawenziwa ngu-Albert Einstein, owakade akhela phezu kocwaningo luka-Max Planck. Ngesikhathi ezama ukuchaza ukuthi kuza kanjani ukuba uTho nemiyonzi yenzubawonga zibe sekulinganeni komchadamezo (thermal equilibrium) ndawonye, u-Planck waphakamisa ukuthi isidlakathi esigcinwe ngaphakathi kwesithako kufanele sithathwe njengesakhiwa izingxenye ezilingana ubungako, ezilubandlu. Ukuze achaze umthelela wenzubabane, u-Einstein wavela nesu lokuthi ukukhanya ngokwako kwakhiwa izingxenye ezincane zesidlakathi. Ngokomphumela eminye imigcanso eminingi yaqinisekisa incazelo ka-Einstein.

KuNongo oluyiNdinganiso lomchazandalo wezinhlayiyana, amabane nezinye izinhlayiyana eziyisisekelo achaziswa njengomphumela oyindingeko wemithetho yendalo onesilinganiso esithile emkhathini. Izakhi eziyizakhi eziyingxenye yezinhlayiyana, ezifana nomlelesa, isisindo nokumpimpiliza, zinqunywa umlinganiso (guage symmetry). Isicabango sebane siye saholela ekuphuculweni kweqophelo eliphezulu lomchazandalo wemigcanso nemibono, kuhlanganisa izicwazi, imijiyo kaBose-Einstein, umbono wenkundla yomngako, nokuhlakahlwa ngamanani kwezobunguxa yomngako. Ngaphezu kwalokho amabane sewacwaningwe njengezinhlwa zezicikizi zomngako, nasekuswtshenzisweni ekufaniseni ngokukhanya (optical imaging) nasekuxhumaneni ngokukhanya okufana nomchazanyandla wokukhanya ( quantum cryptography).