Inguqukezo

Mayelana Wikipedia

Kwezokuxhumana nakwezokudludlunga ukwaziswa, inguqukezo iyisimiso semithetho yokuguqula ukwaziswa - njengohlamvukazi, izwi, umsindo, isithombe, noma ukushukuma komzimba - kube olunye uhlobo, ngezinye izikhathi olufinyeziwe noma oluyimfihlo, njenjongo yokuxhumana ngomngqangu wokuxhumana noma ukuqoqonga ensizeni yokuqoqonga. Isibonelo sokuqala siwukuqanjwa kolimi, okwasiza umuntu akwazi, ngenkulumo, ukuba aveze lokho akucabangayo, akubonayo, akuzwile, noma akuzwa ngabanye. Kodwana inkulumo iyalikhawula izinga lokuxhumana kuye ngomgamu iphimbo elingakwazi ukuwuhamba futhi kukhawula nezilaleli kube yilezo ezikhona neziseduze lapho ikhulunywa. Ukuqanjwa kwendlela yokubhala, eyayiguqula ulimi olukhulunywayo kube izimpawu ezibonwayo, kwajija isiju sokuxhumana emkhathini nasesikhathini.

Umdludlungu wokuguqukezela (encoding) yiwona oguqula ukwaziswa kusuka emthonjeni okusuka kuwo kube yizimpawu zokuxhumana noma kuqoqongwe. Ukunyalula (decoding) kuwumdludlungu ogushela emuva lokho, ngokuguqula izimpawu zenguqukezo zibe uhlobo oluqondwa umamukeli wokwaziswa, njengesiZulu noma isiXhosa.

Esinye isizathu sokuguqukezela ukwenza kube lula ukuxhumana ezindaweni lapho ulimi olula, olulotshwayo noma olukhulunywayo, lunzima khona.