IsiNguni

Mayelana Wikipedia

Izilimi zesiNguni ziyisi Xhosa, isiZulu, isiSwati kanye nesi isiNdebele. Izilimi zesiNguni zikhulunywa eNingizimu Afrika, eZimbabwe naseSwatini.

Igama elithi Nguni lithathelwa kuhlobo lwenkomo ebizwa ngokuthi 'inkomo kaNguni'. Igama elithi Nguni libuye lisetshenziswe ukuchaza abantu abakhuluma lolu limi. Izilimi zesiNguni ziliqenjana lwezilimi ezibizwa phecelezi ngokuthi i' Southern Bantu Languages'. Lezi zilimi zikhulunywa ngendlela ecishe ifane, ngakho uningi lwabantu abazikhulumayo bayakwazi ukuzwana nakuba bekhuluma izilimi ezahlukene. Ochwepheshe kwezezilimi bahlukanisa lezi zilimi zesiNguni ngamaqenjana amabili abizwa ngokuthi i"Zunda Nguni" kanye ne "Tekela Nguni". Izilimi zesiZunda ziyisiZulu, IsiXhosa kanyene siNdebele sasenyakatho Izilimi zesiTekela ziyisiSwati, IsiPhuti, IsiBhaca, IsiHlubi, IsiCele kanye nesiLala

IsiZulu wulimi olukhulu ukwedlula ezinye izilimi zesiNguni ezifana nesiXhosa, isiSwati kanye nesiNdebele. Ngokuya ngocwaningo amaphesenti angaphezu kwamashumi ayisikhombisa, wabantu abakhuluma lolu limi basesifundazweni saKwaZulu-Natal, bese abanye baseGauteng naseMpumalanga. Akhona amanye amaphesenti wabantu abakhuluma isiZulu abaseMpumalanga Koloni. Isizulu sikhulunywa futhi NgamaNguni ahlala ezindaweni ezinjengeGoli nasesifundazweni saseMpumalanga. AmaNguni angamaNdebele ngaphambi kokuba ulimi lwabo lube semthethweni,bebenza ulimi lesiZulu ezikolweni zabo, kanti ngokuya ngokomlando inqwaba yothisha ebebefundisa isiZulu ngeminyaka yo-70 kwakungamaZulu esikhathini esiningi. AmaSwati nanamhlanje basasikhuluma isiZulu,ngoba phela lezifundazwe ezimbili iMpumalanga neKwazulu-Natal zihlukaniswa umkhawulo owodwa. Uma sesibheka inani labalaleli bomsakazo wesiZulu liphezulu kakhulu ngoba lilandela ulimi lwesiNgisi iMetro fm. Lokhu kuchaza khona ukuthi lolu limi lukaMthaniya seludlondlobele kakhulu,ngisho naseMelika phela selikhulunywa kwelamaNgisi,ngoba phela isizwe samaZulu sinomlando ovelele nesizwe samaNgisi. Ezinye izikhulumi zolimi lwesiZulu ngingabala uMongameli wezwe uJG Zuma (Msholozi), osopolitiki ongqongqoshe oCwele,Cele, Jeff Radebe, abaculi esebadlula emhlabeni abafana noJabu Khanyile, abadlali bebhola uSiyabonga Sangweni,uSibisiso Zuma, Nomvethe singabala sithini nabanye abaningi.Umsakazo wolimi lwesiZulu wuKhozi fm, kanti abanye abasakazi ngoLindani Sibiya.

Olunye ulimi lwesibili lwesiNguni wulimi lwesiNdebele, lolu limi lukhulunywa ngabantu kakahulukazi abahlala esifundazweni saseMpumalanga,eGauteng naseLimpopo. Phela kunesiNdebele saseNingizimu nesaseNyakatho. IsiNdebele saseNingizimu yiso esikhulunywa kakhulu eMpumalanga naseGauteng naseLimpopo. Kanti isiNdebele saseNyakatho sikhulunywa kakhulu eLimpopo,ngoba phela sinezimpawu zolimi lwesiPedi. Hlangana nabantu abakhuluma isiNdebele ngingabala owayengusihlalo we-NCOP uMninwa Mahlangu,abadlali bebhola UTshepo Masilela, Ndumiso Mabhena, Masango, USolomon Mahlangu owabulawa ngumbuso we-Apartheid,Augustine Masilela, umculi wesiNdebele uNothembi Mkhwebane kanye nabanye. Kanti isizwe samaNdebele sidume abapendi noma abadwebi bemibalala. Umama u-Esther Mahlangu sizomkhumbula njengomunye owaya phesheya wayodweba imoto i-BMW ngemibala ekhangayo. Umsakazo walolu limi yiKwekwezi fm, ophethwe ngumphathi uPhilip Mahlangu,kanti sithola nabanye abasakazi abanjengoMicky Rosh Skhosana,oShadow Mbonani, oKosinathi Ntuli nabanye abasakazi.

Ulimi lwesithathu lwesiNguni yisiXhosa,lolu limi lukhulunywa kakhulukazi esifundazweniNtshonalanga Kapa,eMpumalanga kapa,eNyakatho kapa naseGauteng. Ngobukhulu lolu limi lulandela ulimi lwesiZulu,ngoba luyatholakala eGauteng nakwaZulu-Natal. Phela isifundazwe saseNyakatho kapa nakwaZulu -Natal zisondelene kakhulu. Hlangana nabantu abaqaqambile abakhuluma lolu limi sibala oNelson Mandela,Walter Sisulu no-Oliver Tambo. Kanti nabaculi abaningi abafana noSimphiwe Dana, Gloria Bosman, Zahara, Siphokazi, Ringo Madlingozi kanye nabanye. Umsakazo wesiXhosa we-SABC umsakazo Umhlobo Wenene, onabasakazi abafana noPutco Mafani, oPastor, Coach nabanye.