IsiPhoqi

Mayelana Wikipedia

KumChazandalo, isiphoqi siyithonya elingaguqula umdiki wento. Siwukufuqa noma ukudonsa okwenzeka phakathi kwezinto. Isiphoqi singabangela into enesisindo ukuba ishintshe isivinini sayo, ngokuthi iphangise. Sibizwa ngokuthi ukwenanana ngoba uma into eyodwa yenza okuthile kwenye, ukwenza kwayo kuzolinganiswa nokusabela kwaleyo engumenziwa. Lombono waziwa ngokuthi uMthetho womdiki wesithathu, lapho ukwenza nokusabela "kulingana futhi kulungene." Izinto ezihlukene zimane ziyilokho isiphoqi esisebenza phakathi kwakho. Kuneziphoqi ezingafani ezisebenza phakathi kwezinto ezihlukile. Ngokwesibonelo, umNyondo usebenza phakathi kwezinto ezinisisindo, njengelanga nomhlaba. Esinye isibonelo isiphoqi seNzubawonga, esisebenza phakathi kwezinto ezinomlelesa, njengenzuba noma indeni yechwe.