UmNyondo

NgokomChazandalo, umNyondo uyisiphoqi esiyisisekelo kumkhathilibe esibangela ukuthi kube nokuhehana noma ukudonsana phakathi kwazo zonke izinto ezinisisindo nesidlakathi. Ezimweni zokunanana ezine eziyinhloko, umnyondo ungobuthakathaka ukwedlula ezinye, ubuthaka cishe izikhathi eziyi-1038 kunesiphoqi seNuzi esiqatha, futhi ubuthaka cishe izikhathi eziyi-1036 kunesiphoqi seNzubawonga, okokugcina ubuthaka izikhathi eziyi-1029 kunesiphoqi seNuzi esibuthaka. Ngokomphumela, awunawo amandla ezingeni lezinhlayiyana ezincane kunechwe. Kodwa, umNyondo ungukunanana okubalulekile phakathi kwezinto ezinkulu, futhi unquma umDiki wemiZulane, iziNkanyezi, imithalakazi kanye nokukhanya.
KuNomkhubulwane, umnyondo unikeza izinto eziphathekayo isisindo, futhi umnyondo wenyanga wona obangela kube namadlambi aphezulu ezilwandle. Ekukhulumeni kwansuku zonke, sivame ukuthi izinto ziyawa ngoba umnyondo kaNomkhubulwane uzidonsela phansi. Sikhuluma sengathi isisindo sethu asiguquki. Eqinisweni isisindo sethu siyaguquka lapho ukudonsa komnyondo kuguquka nakho. Inyanga incane kakhulu futhi ukudonsa kumnyondo wayo kungaba ku-1/6 kuno kukaNomkhubulwane. Ngakho noma yini esenyangeni inobunzima obungaba ku-1/6 besisindo sayo uma ikuNomkhubulwane. Okungaguquki inani loTho kuleyonto. Lokhu kubizwa ngokuthi ukulondolozeka kwesisindo. KuNomkhubulwane, isisindo nobunzima kuyafana ezimweni eziningi, nakuba inhlolamnyondo ezwelayo ingahlonga umehluko okhona. Ukungafani kuzohluka kakhulu kweminye imihlaba njengasenyangeni.
UMlando[hlela | Hlela umthombo]
Izwe lasendulo[hlela | Hlela umthombo]
Imvelo nokusebenza komnyondo kwahlolisiswa ongoti abaningi basendulo. EGrisi, u- Arisitotile wayekholwa ukuthi izinto ziwela eMhlabeni ngoba uMhlaba wawuyinkaba yomkhathilibe futhi wawuhehela kuwo sonke isisindo esisemkhathilibeni. Wabuye wacabanga nokuthi ijubane lento ewayo kufanele likhuphuke nobunzima bayo, isiphetho kamuva esavezwa ukuthi singamampunge. Nakuba umbono ka-Arisitotile wamukelwa kabanzi kulo lonke elaseGrisi yasendulo, kwakunezinye izingqandavu ezifana noPlutarch owabikezela ngokunembile ukuthi iwonga lomnyondo lalingeyona ingqayizivele eMhlabeni kuphela. [1]
Nakuba ayengawuqondi umnyondo ngengesiphoqi isazi sefilosofi esingumGreki sasendulo u- Akhimedesi wasungula umnyombo womnyondo kanxantathu. Wabuye wabeka umbono wokuthi uma izisindo ezimbili ezilinganayo zingenawo umyombo ofanayo womnyondo, khonake umnyombo womnyondo walezi zisindo ezimbili uyoba maphakathi nomugqa ohlanganisa iminyombo yazo yomnyondo.
Endiya, isazi sezibalo nesazi sezinkanyezi u- Aryabhata uqale wahlonza Umnyondo ukuze achaze ukuthi kungani izinto zingaxoshwa eMhlabeni isiphoqi somyonkumbela (centrifugal force) .
- ↑ Bakker, Frederik; Palmerino, Carla Rita (2020-06-01). "Motion to the Center or Motion to the Whole? Plutarch's Views on Gravity and Their Influence on Galileo". Isis 111 (2): 217–238. doi:10.1086/709138. ISSN 0021-1753. https://www.journals.uchicago.edu/doi/abs/10.1086/709138.