Isihlelakwenza
Kumchazazibalo nasesifundweni senzululwazi yesicikizi, isihlelakwenza singuchungechunge olunomkhawulo lwemiyalezo enembile, evame ukusetshenziswa ukuxazulula izinkinga eziqondile noma ukwenza umcikizo. Izihlelakwenza zisetshenziswa njengeziqondiso zokwenza uqaqululo nokudludlunga imininingo. Izihlelakwenza ezithe thuthu zingenza izisuso ezihlelelekiwe (ezibizwa ngokuthi inhluzo ehleleliwe) futhi zingakusebenzisa njengezivivinyo zomchazazibalo ne-logic, ukuphambukisa ukugunundwa komkitizo ngemigudu ehlukene (okubhekiselwa kuyo ngokuthi ukuthatha isigqibo okuhlelekiwe). Ukusebenzisa izici zabantu njengezichazisi zezinguxa ngokomfanekiso noma ukungathekisa kwakuyinto eyayenziwa ngu-Alan Turing ngokusebenzisa amabizo afana nokuthi "inkumbulo", "ukuphequlula" nelithi "imvusi".
Ngokuphambene, insobozelo (heuristic) iwuhlobo lwendlela yokuxazulula izinkinga engacacisiwe ngokuphelele noma engaqinisekise ukuvela kweziphumo ezingqanda noma ezinembile, ikakhulu ezidlangalaleni zezinkinga lapho kungekho khona iziphumo ezingqanda noma ezinembile ezichasiswe kahle.[1]
Njengendlelasu ephumelelayo, isihlelakwenza singavezwa ngesamba samazwi esinomkhawulo somkhathi nesikhathi,[2] kanye nangolimi olusemthethweni oluchasiswe [3] ukuze kuqaqululwe insebenzo yomchazazibalo.[4] Kusukela esimweni esiyisileke nasegalelweni lokuqala,[5] imiyalezo izochazisa umcikizo ozothi lapho ugunundwa, uqhubeke ngokwenani elinomkhawulo [6] lezimo ezichasiswe khake eziwuchunge, kuze kube yilapho ukhiqiza "isphumo" [7] futhi ukhawuka esimweni sokugcina esiphelayo . Ushintsho kusuka esimweni esithile kuya kwesilandelayo alunqunyelwe; ezinye izihlelakwenza, ezaziwa ngokuthi izihlelakwenza ezithukelayo, zihlanganisa igalelo lokwethukela.[8]
uMlando
[hlela | Hlela umthombo]Izihlelakwenza zasendulo
[hlela | Hlela umthombo]Kusuka enguna, izinkambiso zezinyathelo zokuxazulula izinkinga zomchazazibalo ziye zafakazelwa. Lezi zihlanganisa umchazazibalo waseBhabhiloni (cishe ngowezi-2500 BC), umchazazibalo waseGibhithe (cishe ngowezi-1550 BC), umchazazibalo waseNdiya (cishe ngowezi-800 BC nakamuva), umchazazibalo waseGrisi (cishe ngowezi-240 BC, isb. isihlungo sika-Erathositini izihlelakwenza zika-Yukulide), kanye nomchazazibalo wase-Arabiya (ngekhulu le-9, isb. izihlelakwenza zomchazanyandla zokugqabula iziguqukezelo ezisekwe kwisihlaziyo somjingo).
U-Al-khwarizim nesihlelakwenza
[hlela | Hlela umthombo]Cishe ngonyaka wama-825, uMuhammad ibn Musa al-Khwarizmi waloba i-kitāb al-ḥisāb al-hindī ("INcwadi yoMcikizo waseNdiya") kanye ne-kitab al-jam' wa'l-tafriq al-ḥisāb al-hindī ("UkweNgeza nokuPhunguza kwizibalonqangi zaseNdiya"). Yombili lemibhalo yahlulukwa ngolimi lesi-Arab sendabuko. (Kodwa enye incwadi yakhe ye-algebra isasekhona.)
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ David A. Grossman, Ophir Frieder, Information Retrieval: Algorithms and Heuristics, 2nd edition, 2004, ISBN 1402030045
- ↑ "Any classical mathematical algorithm, for example, can be described in a finite number of English words" (Rogers 1987:2).
- ↑ Well defined with respect to the agent that executes the algorithm: "There is a computing agent, usually human, which can react to the instructions and carry out the computations" (Rogers 1987:2).
- ↑ "an algorithm is a procedure for computing a function (with respect to some chosen notation for integers) ... this limitation (to numerical functions) results in no loss of generality", (Rogers 1987:1).
- ↑ "An algorithm has zero or more inputs, i.e., quantities which are given to it initially before the algorithm begins" (Knuth 1973:5).
- ↑ "A procedure which has all the characteristics of an algorithm except that it possibly lacks finiteness may be called a 'computational methodTemplate:'" (Knuth 1973:5).
- ↑ "An algorithm has one or more outputs, i.e. quantities which have a specified relation to the inputs" (Knuth 1973:5).
- ↑ Whether or not a process with random interior processes (not including the input) is an algorithm is debatable. Rogers opines that: "a computation is carried out in a discrete stepwise fashion, without the use of continuous methods or analogue devices ... carried forward deterministically, without resort to random methods or devices, e.g., dice" (Rogers 1987:2).