Isishinguxa

Mayelana Wikipedia

Unknown_engraver_-_Humani_Victus_Instrumenta_-_Ars_Coquinaria_-_WGA23954

Isishinguxa yisidalwa esinazo zombili izingxenye zomzimba ezingokwemvelo kanye nezobunguxampilo. "Isishinguxa" asifani nezomNgxiksho wendalo (bionics), ezeziThununumpilo (biorobotics), noma IziThunjeza (androids).

Incaziso nencasiselo[hlela | Hlela umthombo]

"Isishinguxa" ibizo elibhekisela kuleso siphili esibuyiselwe insebenzo yaso noma ikakhulukazi, esithuthukise amakhono aso ngenxa yendidiyelo yezigcoyi zokuzakhela noma ubuchwepheshe bokuzakhela ubuxhomeke kwisibikemphinda (feedback) sohlobo oluthile, ngokwesibonelo, isengeselo (prostheses), izitho mbumbulu, izifakelelo (implants) noma, kwezinye izimo, ubuchwepheshe obumbathwayo.[1] Ezobuchwepheshe bezishinguxa bungakwazi nokuphasa ubuhlakani bexongo.[2] Elinye ibizo elihlobene eduze, nelibanzi ngelithi "umuntu ojotshelelwe".[1][3][4] Nakuba izishinguxa ngokuvamile kucatshangwa ukuthi ziyizincelisi, zibuye zihlanganise nezothamlilo, kodwa kuthiwa zonke iziphili zingafakelwa izinguxa.

Ummomo wezishunguxa zezinganeko[hlela | Hlela umthombo]

umshinguxa wenganeko yenzululwazi onombalazi wengomso

Ngokwenganeko yenzululwazi, umboniso ovamile wesishinguxa ngowesothamlilo (noma wesilwane) esinezinguxa elijotshelelwe emzimbeni waso.

Kodwa, izishinguxa zingavezwa njengezifana nezithununu kakhulu noma ezinjengabantu kakhulu. Zingabuye zivezwe njengezithununu ezisamuntu.

Izishinguxa ezinommomo osamuntu kungenzeka zembesa izingxenye zazo zobunguxa ngezivikelo noma izindwangu. Imishinguxa ingaba nezingxenye noma imizomba yobunguxa ebonakala ngathi eyomuntu. Kuyinto evamile ukuba imishinguxa ukuba zibe namakhono wezimbudle kanye nezidlikithi esikhulu esihlanganisa nezinzwi ezithuthukisiwe, ubuchopho obusizwa yisiCikizi, noma izikhali ezakhelwe kuwo.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. 1.0 1.1 Ramoğlu, Muhammet (1 April 2019). "Cyborg-Computer Interaction: Designing New Senses". The Design Journal 22 (sup1): 1215–1225. doi:10.1080/14606925.2019.1594986. ISSN 1460-6925. 
  2. Ivana, Greguric (22 October 2021). Philosophical Issues of Human Cyborgization and the Necessity of Prolegomena on Cyborg Ethics (in i-English). IGI Global. ISBN 978-1-7998-9233-5.
  3. "Augmented humans will feature apps for the brain and embeddable devices". ABC News (in i-English). 16 June 2016. Kulandwe ngomhlaka 14 November 2022.
  4. Jahankhani, Hamid; Kendzierskyj, Stefan; Chelvachandran, Nishan; Ibarra, Jaime (6 April 2020). Cyber Defence in the Age of AI, Smart Societies and Augmented Humanity (in i-English). Springer Nature. ISBN 978-3-030-35746-7. Kulandwe ngomhlaka 14 November 2022.