Jump to content

Mandisa Mashego

Mayelana Wikipedia

UMandisa Sibongile Mashego (owazalwa ngomhla ka-26 Agasti 1973) ungusopolitiki waseNingizimu Afrika futhi ulwela amalungelo abesifazane.Owake waba yilungu le-Economic Freedom Fighters, ubenguSihlalo weqembu esifundazweni eGauteng kusuka ngo-2018 kuya ku-2020. Ubuye waba yilungu lesiShayamthetho sesiFundazwe saseGauteng kusuka ngonyaka wezi-2014 kuya kowezi-2020.

Isiqalo sokuphila

[hlela | Hlela umthombo]

UMashego wazalelwa eKing William's Town, esifundazweni saseKapa, kumama omnyama nobaba omhlophe. Ukhulele elokishini laseMayfern eNelspruit . Uthole iB-Tech in Public Relations eDurban University of Technology .

Umsebenzi wezepolitiki

[hlela | Hlela umthombo]

UMashego wajoyina i- African National Congress (ANC) esafunda. Ushiye i-ANC ngo-2012 wajoyina iqembu i-EFF. Wakhethwa njengeLungu lesiShayamthetho sesiFundazwe saseGauteng ngo-2014 kwathi ngonyaka olandelayo waqokwa njengosihlalo obambile wesifundazwe we-EFF ngemuva kokusula kukaZorro Boshielo . UMashego wakhethwa waba nguSihlalo wesifundazwe isikhathi esigcwele ngo-2018 futhi ngenxa yalokho waba nguSihlalo wesibili wesifazane esifundazweni.

Imibono Yezombusazwe

[hlela | Hlela umthombo]

UMashego uzichaza njengowesifazane futhi ophikisana nobukhokho . Uthe ngesikhathi enengxoxo neMail & Guardian, ukuthi isikhundla sikasihlalo wokuqala wesifazane esifundazweni, uBetty Diale, "kumphathe kabi".

Ngo-Ephreli 2020, uMashego wamemezela ukuthi uyakweseka ukubuyiselwa kwesigwebo sentambo eNingizimu Afrika .

Ukungezwani noJulius Malema

[hlela | Hlela umthombo]

NgoDisemba 2019 engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-EFF kuzwelonke, uMashego waphikisana noMarshall Dlamini esikhundleni sikaNobhala-Jikelele. Ukuphikisana kwakhe noDlamini kudale ukungezwani phakathi kwakhe nomholi weqembu uJulius Malema . Ngokuhamba kwesikhathi uMalema uphakamise ku-tweet, nokwadala ukuqagela, ukuthi uMashego uhlela ukuhlubuka eqenjini lowabe eyiMeya yaseGoli, uHerman Mashaba .

NgoFebhuwari 2020, iphephandaba iSunday World labika ukuthi uMashego usulile esikhundleni sokuba nguSihlalo wesifundazwe nokuba yilungu lesiShayamthetho sesiFundazwe saseGauteng . I-EFF isiphikisile lesi simangalo futhi uMashego ngokuhamba kwesikhathi ukuphikile ukuthi usesulile.

Ngomhlaka 31 Mashi 2020, uMashego wesula njengoSihlalo we-EFF esifundazweni waphinde washiya nakuSishayamthetho sesifundazwe.IPhini likaSihlalo u-Itani Mukwevho uqokelwe esikhundleni sakhe.Ngo-Agasti 2020, uMashego wavela ethula iqembu lezepolitiki likaMashaba, i-ActionSA.

NgoJanuwari 2021, uMashego wamemezela ukuthi usejoyine i- Abantu Batho Congress .

Impilo yomuntu siqu

[hlela | Hlela umthombo]

UMashego akakashadi futhi unendodakazi eyodwa.