Nosipho Ntwanambi
UNosipho UDorothy Ntwanambi (25 Septemba 1959 - 8 Julayi 2014) wayengusopolitiki waseNingizimu Afrika, kanye nomshisekeli wamalungelo abesifazane nabantu.
Umsebenzi wakhe
[hlela | Hlela umthombo]Wayeyilungu le-African National Congress (ANC), Wayenguthisha esikoleni saseGugulethu (isikole samabanga aphansi saseSiyazingisa) kusukela ngo-1982 kwaze kwaba yilapho eba yilungu lePhalamende laseNingizimu Afrika ngo-1997 esebenza kumakomiti ahlukahlukene akhethiwe eMkhandlwini Kazwelonke Wezifundazwe. UNtwanambi wayeyi-Chief Whip ye-ANC eMkhandlwini Kazwelonke Wezifundazwe, owesifazane wokuqala ukuba abe yi-chief whip, isikhundla asiphatha kwaze kwaba yilapho eshiya phansi ngo-2014. Wasebenza njengelungu le-National Council of Provinces, indlu engenhla yePhalamende laseNingizimu Afrika, kusukela ngo-2008 kuze kube ngu-2014.[1] UNtwanambi wayebuye abe yiphini likamongameli we-African National Congress Women's League (ANCWL) ngesikhathi sokushona kwakhe.[1]
UNtwanambi wayeyilungu labasunguli bokubili iNhlangano Yothisha iSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) kanye ne-United Women's Organisation (UWO). Kanti futhi wayeyilungu leKomiti Yesigungu siKazwelonke ye-ANC.
Ukufa
[hlela | Hlela umthombo]UNosipho Ntwanambi washona ngemuva kokugula isikhathi eside ngoJulayi 8, 2014, eneminyaka engu-54, eshiya unina, odadewabo ababili, umfowabo, amadodakazi amabili nabazukulu ababili.
Bheka futhi
[hlela | Hlela umthombo]- Uhlu lwamalungu oMkhandlu Kazwelonke waseNingizimu Afrika ashona esebenza