Nosiviwe Mapisa-Nqakula

Mayelana Wikipedia
Nosiviwe Mapisa-Nqakula

  UNosiviwe Noluthando Mapisa-Nqakula (owazalwa ziyi-13 kuLwezi ngonyaka we-1956) ungusopolitiki waseNingizimu Afrika obengu Somlomo wePhalamende likazwelonke kusukela ngo-Agasti 2021 kwaze kwaba yilapho ethatha khona umhlalaphansi mhla zi-3 kuNdasa kowezi 2024. Wayengu Ngqongqoshe WeKhabhinethi kusukela ngonyaka wezi-2004 kuya kunyaka wezi-2021, ngaphambilini uke wabauNgqongqoshe Wezokuvikela Nezempi kusukela kuNhlangulana ngonyaka wezi-2012 kuya kuNcwaba kunyaka wezi- 2021. Wayeyilungu elikhethiwe leKomidi elibusayo likazwelonke elaziwa ngokuthi I-UKhongolose (ANC) kusukela ngonyaka wezi-2002 kuya kunyaka wezi-2022 futhi wayenguMongameli we-ANC Women's League

Wakhulela endaweni yase Eastern Cape, uMapisa-Nqakula waqeqeshwa njengothisha futhi wasebenza ekuthuthukiseni intsha kwaze kwaba unyaka we-1984, lapho eshiya iNingizimu Afrika walandela Umkhonto weSizwe ekudingisweni.[1] Wabuya eNingizimu Afrika ngonyaka we-1990 uphinde waba ngumhleli kazwelonke we-ANC Women's League eyayisanda kuvuselelwa; kamuva nje waba unobhala-jikelele wayo kusukela ngonyaka we-1993 kuya kunyaka we-1997 ngaphansi kubuholi buka Nkk Winnie Madikizela-Mandela. Wajoyina isishaya-mthetho Sikazwelonke njengomhleli okhethweni jikelele ngoNdasa ngonyaka we-1994 futhi wengamela i-Joint Standing Committee IPhalamende ye-Intelligence kusukela ngonyaka we-1996 kuya ngonyaka wezi-2001.[2]

Ukukhuphuka kwakhe kwezombusazwe kwashesha ngesikhathi sikaMongameli uThabo Mbeki, ayesondelene naye; ngoZibandlela ngonyaka wezi-2001, wamiswa njenge-Chief Whip ye-Majority Party, futhi ezinyangeni eziyisithupha kamuva waba yiPhini likaNgqongqoshe Wezindaba Zangaphakathi ngaphansi kukaNgqongqosele uMhlonishwa uMangosuthu Buthelezi. Waba iphini likaNgqongqoshe kwaze kwaba ukhetho luka-Ndasa ngonyaka wezi-2004, ngemuva kwalokho walandela Ikhabinethi kaMhlonishwa uMbeki njengongqongqoshe ofanayo nesikhundla esifanayo. Ngesikhathi esifanayo, wayenguMongameli we-ANC Women's League kusukela ngoNcwaba kunyaka wezi- 2003 kuya kuNtulikazi kunyaka wezi-2008.

Ngemuva kokhetho lukaNdasa ngonyaka wezi-2009, uMongameli UJacob Zuma wamthuthela endaweni entsha njengoNgqongqoshe Wezinsizakalo Zokuqondisa, lapho akhonza khona kwaze kwaba yilapho emiswa njengoNgqongqongqoshe Wokuvikela Nezempi NgoNhlangulana ngonyaka wezi -2012. Wagcinwa esikhundleni sokugcina ngumlandeli kaZuma, uMongameli UCyril Ramaphosa, futhi wahlala enkonzweni cishe iminyaka eyisishiyagalolunye. Phakathi naleso sikhathi, ngo-Mandulo ngonyaka wezi-2020, uMapisa-Nqakula wasolwa nguMongameli ngokusebenzisa indiza Ibutho Lasemoyeni LaseNingizimu Afrika ukuthutha ithimba le-ANC emhlanganweni weqembu lezombusazwe I-Harare. Waxoshwa kuKhabhinethi kaRamaphosa mhla ziyi- KuNcwaba ngonyaka wezi-2021 ngemuva kweziphithiphithi zomphakathi ezinzima, futhi wakhethwa njengesikhulumi mhla ziyi-19 kuNcwaba ngonyaka wezi- 2021.

  1. https://www.tandfonline.com/doi/full/10.1080/14682745.2015.1078315
  2. https://www.cambridge.org/core/journals/journal-of-modern-african-studies/article/abs/south-african-elections-of-1994-the-remaking-of-a-dominantparty-state/770418E367E6624270ACEDA47FCB6D3B