Robert McBride (police officer)

Mayelana Wikipedia

URobert McBride

URobert McBride (owazalwa ngo-6 kuJulayi 1963) wayeyisikhulu samaphoyisa edolobheni elikhulu kuMasipala wase-Ekurhuleni. Ngesikhathi sobandlululo wayeyilungu loMkhonto weSizwe , uphiko oluhlomile le-African National Congress, futhi waboshwa wagwetshwa ngecala le-terrorism ngemuva kokuba ehlasele iklabhu yasebusuku eyayibhizi kakhulu, ngesikhathi sohlaselo lwakhe kwaba abantu abathathu.

NgoFebruwari 2014 uMcBride waqokwa njengoMqondisi Omkhulu we- Independent Police Investigative Directorate . [1] NgoMashi 2015 wamiswa emsebenzini kulesi sikhundla emiswa nguNgqongqoshe Wezamaphoyisa. Isinqumo sagudlulelwa eceleni yiNkantolo yoMthethosisekelo yaseNingizimu Afrika ngoSeptemba 2016. [2]

Umlando omfishane[hlela | Hlela umthombo]

Ngesikhathi sombuso wobandlululo[hlela | Hlela umthombo]

UMcBride wazalwa esibhedlela sase-Addington futhi wakhulela eWentworth, isabhabhu eyayibeke ngokobandlululo lwebala njengeyamaKhaladi le ndawo cishe iyibanga lamakhilomitha angu 11 ukusuka eThekwini, lapho abazali bakhe babengothisha. Wafunda e-Fairvale High School eWentworth futhi wabamba iqhaza kwimidlalo yebhola lombhoxo (iragbi), i-karate, umdlalo wesibhakele, i-chess, i-hockey kanye nebhola lezinyawo. Ngemuva kokushaywa ngumfana osekhulile endaweni yangakubo, uyise wamfundisa ubuciko bokulwa be-martial arts.[3]

Wathuthuka ngezepolitiki (ezombangazwe) esemncane ngenxa yomthelela kababa wakhe. Wathonywa ikakhulukazi yizincwadi ezimbili Ik: A.J Venter yesihloko esithi: Coloured: A Profile of 2 Million South Africans, echaza imizamo yezishoshovu zezombusazwe zamaKhaladi ezifana noJames April, uDon Mattera , uJakes Gerwel, uBasil February, noyisekazi wakhe, uMfundisi, Clive McBride; kanye ne-Soledad Brothers: The Prison Letters of George Jackson, ezabhalwa yilungu elasungula i-American Black Guerrilla Family.[3]

UMcBride wayaziwa kakhulu ngobuholi bakhe kwi-cell eyabhoma iresturenti ye obhekene nebhola elithi "Why Not" Restaurant kanye ne-Magoo Bar eThekwini ngomhla ka-14 Juni 1986, uhlaselo lapha khona okwafa abesifazane abathathu abamhlophe kwathi abangu-69 balimala. Waboshwa futhi wabekwa icala lokubhoma eThekwini, wagwetshwe isigwebo sokubulawa, kodwa kamuva waxolelwa kwisigwebo sokubulawa ngesikhathi esendaweni ejele lapho ayelindele khona ukubulawa. Ngo-1992, wakhululwa ejele ngemuva kokuthi izenzo zakhe zithathwe njengezombusazwe noma ezepolitiki. Kamuva wanikezwa ushwele kwiKhomishana Yamaqiniso nokuBuyisana iTruth and Reconciliation Commission (TRC), eyanikezela ukuxolelwa kwabantu uma bedalula amaqiniso ngokuphelele kwizenzo zodlame ezazigqugquzelwa ngumzabalazo wezepolitiki noma umbangazwe ngemuva kokuba i-ANC ishintshe ukuphika kwayo kwizenzo zakhe zezepolitiki ukuthi yiyo eyayinikeze umlayezo wokubhoma.[4] Uhulumeni weNingizimu Afrika, ngaleso sikhathi, wayeqikelela ukuthi isenzo sikaMcBride kwakuyisenzo sokuhlasela nje izakhamizi ezingahlomile nezingenacala ngaphandle kwesizathu.

Umbiko we-Truth and Reconciliation Commission (South Africa) wathi, "Kubonakala sengathi akuwona amaxhova alesi senzo eyangamalunga ezamaphoyisa aseNingizimu Afrika. Ngaphezu kwalokho, ukugxekwa okuqondiswe ebunhlolini obenziwa ngendawo ye- "Why Not Bar" kungase kube ngezifanele. Kungashiwo ukuthi, kwakumele ukuthi uMcBride aqinisekise ngesikhathi ukuthi iningi lalabo ababezothinteka ngohlaselo lwakhe lokubhoma kwakufanele ukuthi kubonelelwe, nokuthi kwakungenzeka imiphumela ibe ngaphezulu kokwakulindelwe." [5] UMcBride nabanye banikezwa ushwele wokuxolelwa ngohlaselo ngisho noma ikhomishana yathola ukuthi ukuqhunyiswa kwebhomu kwaba"ukuhlukunyezwa okukhulu kwamalungelo obuntu", [6] kanye namanye amacala abandakanya ukulekelelwa kukaGordon Webster ukuthi abaleke emaphoyiseni. Ngo-2006, uMcBride waklonyeliswa ngendondo ye-Medal in Silver and the Conspicious Leadership Star, anikezwa yona ngabebutho lezempi likazwelonke i-South African National Defence Force ngomsebenzi wakhe kanye nobuholi kwibutho loMkhonto We Sizwe. Template:Ifsubst

Ngemuva kombuso wobandlululo[hlela | Hlela umthombo]

  1. UMcBride wakhethwe njengenhloko ye-Ipid, 28 Febhuwari 2014
  2. UMcBride vNgqongqoshe Wezombusazwe kanye Nenye , (CCT255 / 15) [2016] ZACC 30 (6 Septemba 2016)
  3. 3.0 3.1 "South African History Timelines: Robert McBride". South African History Online. Kulandwe ngomhlaka 20 March 2008.
  4. "The Citizen 1978 (Pty) Ltd v McBride (277/08) [2010] ZASCA 5; 2010 (4) SA 148 (SCA); [2010] 3 All SA 46 (SCA) (26 February 2010)". Saflii.org. Kulandwe ngomhlaka 6 October 2012.
  5. Lokho uRobert McBride akwenza, futhi ngubani owahlukunyezwa , politicsweb.co.za; kufinyelelwe ngomhla ka-1 Disemba 2015.
  6. .