uNomjubane

Mayelana Wikipedia
(Redirected from UMerkuriyu)
uNomjubane

uNomjubane, noma uMekhyuri (uphawu: ☿) ngumzulane wokuqala nomcinyane kuzungezohlelo lweLanga, futhi useduze kakhulu nelanga. Uzungezo lwawo elangeni uthatha izinsuku zikaNomkhubulwane ezingama-87.97, okungezimfishane kunazo zonke zemizulane yelanga. Uqanjwe ngokuthi uNomjubane ngenxa yakho lokho, ngoba uzungeza ilanga ngejubane elisheshayo kuneminye imizulane. NjengoNokhwezi, uNomjubne uzungeza ilanga ngaphakath kozungezo lukaNomkhubulwane njengomzulane omaphakathi (interior planet). Ukuba seduze nelanga kusho ukuthi lomzulane ungabonwa kuphela uma useduze nomkhathizwe osentshona kusihlwa noma kumkhathizwe osempuma ensasa. Kulezi zikhathi, uzobonakala njengenkanyezi egqamile, kodwa kunzima ukuwaqapha kunoNokhwezi. Uma uwubuka usemhlabeni kuNomkhubulwane, isihlongamkhathi siveza lomzulane kuzo zonke izimo zokuba umzulane, okuyinto efanayo ngoNokhwezi nenyanga, okwenzeka ngenkathi yawo yokuhlangano ngenanifuphi okuyizinsuku eziyi-116.