Uzungezohlelo lweLanga

Uzungezohlelo lweLanga uyisimiso esinqalomnyondo selanga nezindikimba ezizungeza kulo. ILanga lizungezwa imiZulane, imihlabana namabhaqanyezi nokunye. Lolu hlelo lwaadaleka eminyakeni eyizigidinqindi ezine ezidlule. Uzungezohlelo lweLanga ladalwa umNyondo efwini lomzwayi elikhulu. Iningi lotho lwahlangana emnyombweni lapho amaphesenti angu-99 alo akha isisindo selanga, kuyilapho utho olusele lwasakazeka lwaba izindikimba eziyisicaba esizungezayo. ImiZulane emine eyisimiso esiphakathi- uNomjubane, uNokhwezi, UMhlaba noNotshezi, ziyimiZulane ehlabathi, ngoba zakhiwa amatshe nenkimbi futhi zimkhumanqa. Bese imiZulane engamaqhakamela iyisimiso esingaphandle, mikhulu futhi inesisindo esikhulu. UMkhulukhulwana noNomaxhama bangamaqhakamela wohowo, akhiwa ngokuyinhloko ihwanzi nehwelanga; bese kuthi UNomakhekheba noNolundwa kube amaqhakamela weqhwa, akhiwa iziqa ezincibilika kanzima.
- uNomjubane ("Mercury")
- uNokhwezi / isiCelankobe / iKwezi ("Venus")
- uMhlaba/uNomkhubulwane ("Earth")
- iNyanga ("moon")
- uNotshezi ("Mars")
- uMkhulukhulwana / iNdonsa ("Jupiter")
- uNomaxhama ("Saturn")
- uNomakhekheba ("Uranus")
- uNolundwa ("Neptune")
- uNochoko ("Pluto")
- uNomadwala
- uNoviyo
- uNohunga
- uNogxada
Izinkondolo zohlelo
[hlela | Hlela umthombo]
Ogqayinganga kwezinye izikhathi bahlukanisa isakhiwo sozungezohlelo lweLanga ngezifunda. Bathi kunesifunda esiwuzungezuhlelo lweLanga oluseduze (inner Solar System) oluhlanganisa uNonjubane, uNokhwezi, uMhlaba uNotshezi nezindikimba ezisesiyondweni semihlatshana. Bese kuba nesifunda esiwuzungezuhlelo lweLanga oluqhelile (outer Solar System) oluhlanganisa uMkhulukhulwana, uNomaxhama, uNomakhekheba, uNolundwa nezinye izindikimba zenkatha kaKuiper.[1]
Isigubo sohlelo
[hlela | Hlela umthombo]Isigcoyi esiyinhloko sozungezohlelo lweLanga yilona iLanga, oluyinkanyezi yojinji oluyimhloko lohlobo G oluqukethe amaphesenti angama-99.86 esisindo esaziwayo sohlelo futhi luyachachaza ngokomnyondo.[2] Izindikimba ezine ezinkulu ezizungeza iLanga, yizona ezinamaphesenti angama-99 wesisindo esisele, kuyilapho iLanga noMkhulukhulwana bobabili benza amaphesenti angama-90. Izindikimba ezinye esisele zozungehlelo lweLanga sezihlangene of zenza iphesenti elibalwa kanje 0.002 lesisindo,[3]
iLanga lakhiwa amaphesenti angama-98 weHwanzi kanye |neHwelanga,[4] kunjalo nangoMkhulukhulwana noNomaxhama.[5][6]
Uzungezo
[hlela | Hlela umthombo]

Amaphathelelo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "The Planets". NASA. 10 July 2023. Kulandwe ngomhlaka 6 April 2024.
- ↑ Woolfson, M. (2000). "The origin and evolution of the solar system". Astronomy & Geophysics 41 (1): 1.12–1.19. Bibcode 2000A&G....41a..12W. doi:10.1046/j.1468-4004.2000.00012.x.
- ↑ Template:Cite arXiv
- ↑ "The Sun's Vital Statistics". Stanford Solar Center. Archived from the original on 14 October 2012. Kulandwe ngomhlaka 29 July 2008, Unknown parameter
|url-status=ignored (help) citing Eddy, J. (1979). A New Sun: The Solar Results From Skylab. NASA. p. 37. NASA SP-402. Archived from the original on 30 July 2021. Kulandwe ngomhlaka 12 July 2017. Unknown parameter|url-status=ignored (help) - ↑ Williams, David R. (7 September 2006). "Saturn Fact Sheet". NASA. Archived from the original on 4 August 2011. Kulandwe ngomhlaka 31 July 2007. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ Cite error: Invalid
<ref>tag; no text was provided for refs namedWilliams-Jupiter