uNolundwa
Appearance
(Redirected from UNepetuni)

uNolundwa, noma uNephthuni (uphawu:
) ngumzulane wesishiyagalombili ozungezohlelweni lwelanga. Ungumzulane wesine ngobukhulu esimisweni sikanozungezilanga ngokomugqazinga, umzulane wesithathu omkhulu, futhi umzulane oyiqhakamela elisiluthe kakhulu. Unesisindo sikaNomkhubulwane esiphindwe izikhathi eziyi-17, futhi unobunzima besisindo esidlula kancane esewele lawo eliseduze uNomakhekheba.