uNomakhekheba

Mayelana Wikipedia
uNomakhekheba

uNomakhekheba, noma (uphawu: ⛢) ungumzulane wesikhombisa ozungezohlelweni lweLanga. Lomzulane wakheke ngokufanayo noNolundwa, futhi yomibili yakhiwa insada yeziqa ezihlukile kulezo zemizulane engamaqhakamela, iNdonsa kanye noNomaxhama (amaqhakamela wohowo). Ngenxa yalesi sizathu osonzululwazi bavamise ukubiza uNomakhekheba noNolundwa ngokuthi "amaqhakamela weqhwa".

Ngokufanayo namaqhakamela wohowo, amaqhakamela weqhwa aswele ubuso obukhumanqa. Umoyambulunga kaNomakhekheba uyefana noweNdonsa nokaNomaxhama njengoba ngokuyinhloko wakhiwa ihwanzi kanye nehwelanga, kodwa uqukethe namanye "amaqhwe", afana namanzi, umthundohwe (ammonia), nejawani (methane), kanye namachaphazi wemicalahwanzi.