uNomaxhama

uNomaxhama, (uphawu:
) ngumzulane wesithupha kusuka eLangeni futhi ungowesibili ngobukhulu ozungezohlelweni lwelanga emva kukaMkhulukhulwana. UyiQhakamela eliluhowo elinomugqazinga ovamile ophindwe izikhathi ezilithoba nengexenye kunolukaNomkhubulwane. Unengxenye eyodwa kweziyisiphohlongo zesiluthi esivamile kuNomkhubulwane; Kodwa, ngomthamo wawo omkhulu, uNomaxhama mkhulu izikhathi ezingaphezu kwezingu-95.
Igama
[hlela | Hlela umthombo]Igama elithi uNomaxhama lisuselwa kwelesizulu elithi 'ixhama' elisho isifociya esikhandwa ngenxoza esifakwa abesifazane. Libuye libhekisele nasebuhlalweni obufakwa amantombazane okhalweni noma esifubeni.
Izinyanga
[hlela | Hlela umthombo]UNomaxhama unezinyanga ezingama-274 ezaziwayo. Ngolimi lwesizulu zili-15 ezinamagama azo. Kunobufakazi bokuthi uNomaxhama unezinyngana ezincane eziyikhulu ezizifihle eyondeni akhe, kodwa azithathwa njengezinyanga zangempela.
Amgama ezinyanga zikaNomaxhama:
Titan - uSomusi
Rhea - uMthwathwa
Iapetus - uSonguxu
Enceladus - uNoqhwahla
Mimas - uMbayiyana
Tethys - uMshaza
Dione - Isithwathwala
Janus - uMjaqaba
Promethues - uNjengetshe
Epimethues - uMaqhoqho
Helene - uQhagana
Hyperion - uSompensu
Methone - uMshipilizana
Pandora - uMphiliza
Calypso - uMfusatshe
USomusi, okuyinyanga enkulu kaNomaxhama, inesisindo esingamaphesenti angama-90 kuzungezo lomzulane, kuhlanganisa namayondo. Inyanga yesibili enkulu uMthwathwa, yona kungenzeka inamayondo wayo, kanye nomoyambulunga oyaluzayo.