Jump to content

Ukuhlelelisa isiCikizi

Mayelana Wikipedia

Ukuhlelelisa isicikizi noma ukukitiza kuyinqubo yokuqamba uthungethunge lweziyalezo, ezibizwa ngokuthi izinhleleliso ezilandelwa yizicikizi ukuze ziqhogoye imisebenzi. Ukuhlelelisa kubandakanya imisebenzi efana nokuhlaziya, ukuphehla umkholezima, iziqondiso zokugununda izingqubo, ngokuloba umkitizo ngolunye lwezilimi zokuhlelelisa. Umkitizo wenhleleliso ubhalwa ngolimi olulodwa noma ukweqa olwaziwa abahlelelisi olugunundwa isididiyeli esiyinhloko, kunokuba kube umkitizo wenguxa. Injongo yokuhlelelisa iwukuthola uchunge lwemiyalelo ezohleleleka insebenzo yomsebenzi esicikizini, imvama ongowokuxazulula inkinga ethile. Ukuhlelelisa kweqophelo imvama kudinga ubungcweti ezihlokweni ezimbalwa, kuhlanganisa ulwazi lwesidlangala sohlelo, imikholezima yekhethelo, nenhluzangqondo ehlelekile.

Imisebenzi ehlobene nehambisana nokuhlelelisa ihlanganisa ukuvivinya, ukuntwalalula (debugging), ukunakekela umkitizo, ukugununda izinhlelo zokwakha, kanye nokuphathwa kwezichule (artifact), ezifana nomkitizo wenguxa wezinhleleliso sezicikizi. Lezi zinto zingathathwa njengengxenye yenqubo yokuhlelelisa, Kodwa imvama kusetshenziswa ibizo elithi ukuthuthukiswa kwehlelokusebenza ukuchaza lenqubo enkulu kuyilapho amabizo athi ukuhlelelisa, ukugununda, noma ukukitiza akhwezelelwa ukulotshwa komkitizo. Ubunjiniyela behlelokusebenza buhlanganisa ubuchule bobunjiniyela nezenzo zokuthuthukisa inhlelokusebenza. Ubunjiniyela obugushayo buhlobene nenqubo esetshenziswa abaklami, abahlaziyi, nabahlelelisi ukuze baqonde Inhleleliso ekhona futhi bagununde kabushe insebenzo yayo.