Jump to content

UHoyana

Mayelana Wikipedia
(Redirected from UmNgako)

Kumchazandalo, uhoyana uyinani elincane lanoma iyiphi into ebonakalayo (impahla ebonakalayo) ehilelekile ekunananeni. Isicabango esiyisisekelo sokuthi impahla engokoqobo kungenzeka "ingakaniswe" sibizwa ngokuthi "isihlawumbiselo sokungakanisa". Lokhu kuchaza ukuthi ubukhulu bempahla engokoqobo bakhiwa amanani alubandlu omngako.

Ngokwesibonelo, ibane liwumngako owodwa wokukhanya komjinge oqondile (wanoma iluphi uhlobo lwemiyonzi yenzubawonga). Ngokufanayo, isidlakathi senzuba esithungelwe phakathi kweChwe singakanisiwe futhi sitholakala ngamanani alubandlu. (AmaChwe noTho yizinto ezizinzile ngenxa yokuthi iziNzuba zitholakala ngesidlakathi esilubandlu esiphezulu ngaphakathi kweChwe). Ukungakanisa kuyisisekelo somchazandalo obanzi nobuNguxela bomNgako. Ukungakanisa isidlakathi kanye nethonya lako endleleni isidlakathi noTho ezinanana ngayo, kuyingxenye yohlaka oluyisiseko sokuqonda nokuchazisa imvelo.