IKhazi
IKhazi liyinhlwa yevanga enophawu Pt nenani lobuchwe elingama-78. Liyinkimbi ewugqinsi, egobekayo, elula, esabela kakhulu, eyigugu, enombala omhlophe sacwebe. Igama layo elithi ikhazi liqhamuka kubukhazikhazi bayo obucwebezelayo.
IKhazi liyilungu lezinhlwa eziyiqembu lekhazi neleqembu le-10 lezinhlwa zecansi lezinhlwa. Linezihlukombe (isotope) eziyisithupha ezingokwemvelo. Liyinhlwa eyivelakancane egobohleni lomhlaba. Litholakala likanye namadwala esiNimbi nawesokhele nokunye, ikakhulu eNingizimu Afrika, ekhiqiza ama-80 ekhulwini umhlaba wonke. Ngenxa yokuba ivelakancane egobohleni lomhlaba, kukhiqizwa amathani angamakhulu ambalwa kuphela, futhi ngenxa yokusebenzisa kwalo okubalulekile, libiza kakhulu futhi liyinkimbi ethengiswayo eyigugu kakhulu.