Jump to content

ISADiLaR

Mayelana Wikipedia
Langa Khumalo
umuntu
ubuliliowesilisa Ukuhlela
family nameKhumalo Ukuhlela
occupationlinguist Ukuhlela
field of workcomputational linguistics Ukuhlela
employerI-SADiLaR Ukuhlela
participant inWikiIndaba conference 2024 Ukuhlela

ISADiLaR (i-South African Centre for Digital Language Resources), iyisinyathelo esixhaswa uMnyango Wezesayensi Nokusungula sokwakha nokuphatha imithombo yezezibhangqiwe (digital) kanye nehlelokusebenza elisekela ucwaningo nentuthuko yemithombo yolimi lwezezibhangqiwe eNingizimu Afrika.

Isungulwe ngowezi-2016, futhi ibekwe eNorth-West University, [1] iSADILaR ihlose ukuhlinzeka ngesikhungo sezinsizakusebenza esifefenyekayo, esivumelayo, esiphethe nesisabalalisa ucwaningo lwezezibhangqiwe oluhlobene nazo zonke izilimi ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika.[2] Isebenza kokubili njengesisingathi nanjengomnyombo wezimfindo eziningi, kuhlanganisa namanye amanyuvesi, izikhungo zocwaningo kanye nemiqogelelo yomphakathi.

Ama-Node

[hlela | Hlela umthombo]

Ama-Node[3] axhumene ne-SADILaR ahlanganisa;

Izinsiza zemfundo esimahla

[hlela | Hlela umthombo]

Inhlangano iSADiLaR yanyakula[7] umklamo obizwa iziNgqwele zeziNzisa zeMfundo esimahla kwezezibhangqiwe zoluntu, phecelezi DH-OER Champions[8] ngenhloso yokuphekuzisa ugqozi nocwaningo ekusetshenzisweni noma ekudalweni kwezinsiza zemfundo esimahla kwezezibhangqiwe zoluntu (DH) emanyuvesi aseNingizimu afrika. [9] Ukusungulwa kwebhidli le- DH-OER kwanika ababambiqhaza ithuba lokuzibonela indlela izingqwele zemfundo yasimahla (osongqondonkulu, abacwaningi, nabafundi) bakolunye uqeqesho, ezinye izikhungo, nezinye izifunda zakuleli (naphesheya) ezingasebenzisa ngayo izinsiza zemfundo yasimahla (OER) oqeqeshweni oluhlukene. Iziphumo zemiklamo zifakiwe kwisizindalwebu sakwa SADiLaR Educator Track page Archived 2024-08-07 at the Wayback Machine.

Ukusebenzisana

[hlela | Hlela umthombo]

ISADILaR inokusebenzisana phakathi kwe-Wikipedia ne-Pan South African Language Board. Zobabili lezi zinhlangano zaqala umklamo we-SWiP e-University of South Africa kuMandulo 2023. ISWiP ikhuthaza ukulingana phakathi kwazo zonke izilimi zomdabu futhi ikhuthaza imiphakathi yezilimi eNingizimu Afrika ukuba ibonakale kakhulu ku-Wikipedia futhi ithumele ulwazi ngolimi lwayo.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "SADiLaR takes the lead in digitising establishing 11 national languages | news.nwu.ac.za". news.nwu.ac.za.
  2. Linda Stokman (2018). "South Africa joins CLARIN ERIC as observer".
  3. "SADiLaR Nodes". sadilar.org/. 2020.
  4. "Building human language technologies for South African Languages". CSIR Science Scope 14 (1): 37–38. 2019. https://journals.co.za/doi/pdf/10.10520/EJC-1c931e3092.
  5. "WATCH: SADiLaR digitisation node at UP developing SA languages 'in an African way, developed by Africans for Africans'". www.up.ac.za/. 2020. Archived from the original on 2025-02-22. Kulandwe ngomhlaka 2024-09-21.
  6. Naidu-Hoffmeester, Rivonia (2020). "Developing digital African language resources". www.up.ac.za/.
  7. https://sadilar.org/en/launching-the-digital-humanities-open-educational-resources-champions-initiative/
  8. "Archive copy". Archived from the original on 2024-08-07. Kulandwe ngomhlaka 2024-09-21.CS1 maint: Archived copy as title (link)
  9. "Archive copy". Archived from the original on 2024-09-20. Kulandwe ngomhlaka 2024-09-21.CS1 maint: Archived copy as title (link)