Jump to content

Inyanga (umelaphi)

Kubuya ku Wikipedia
Doctor_on_duty

Inyanga, noma umelaphi (noma ibizomfakela elithi udokotela) ingcwepheshi yezempilo esebenza ukwelapha, umnako wayo usekuqhakambiseni, ekunakekeleni nasekubuyisela impilonhle isebenzisa ucwaningo, ukuxilongwa, ukubikezela kanye nokwelashwa kwezifo, ukulimala, nokunye. ukukhubazeka ngokomzimba nangokwengqondo. Izinyanga zingase zihlozinge ubunyanga bazo ezigabeni ezithile zezifo, ezigulini ezithile, nasezindlela zokwelapha—ezaziwa ngokuthi ubungoti —noma bangase bathwale isibopho sokuhlinzeka ngosizo lwezokwelapha oluqhubekayo noluphelele kubantu ngabanye, emindenini, nasemiphakathini. Ubunyanga budinga kokubili ulwazi oluningiliziwe loqeqesho lakwaNgqondonkulu, ezifana nomhlakahlo nomchazamzimba, isifundo sezifo eziyisisekelo, kanye nokwelashwa kwazo, okuyinzululwazi yokwelapha, kanye nekhono elihloniphekile ekuzisebenziseni, okusetshenzisiwe, okuwubuciko nokuba ingcwepheshi.

Kokubili iqhaza lenyanga kanye nencazelo yegama ngokwalo kuyahlukahluka emhlabeni wonke. KwaZulu kuthiwa inyanga, ngesisuthu kuthiwa ngaka kanti emazweni asentshona kuthiwa udokotela. Asikho isidingo sokuhlukanisa phakathi kwenyanga nodokotela ngoba into eyodwa. Iziqu nezinye izifaneleko ziyahlukahluka kakhulu, kodwa kunezici ezithile ezivamile, njengezimiso zezokwelapha ezidinga ukuthi abelaphi babonise ukucabangela, uzwela, nomusa ezigulini zabo .Ngesizulu inyanga ibizwa nangokuthi uhodoba, bese inyanga ezalisayo ibizwa ngomgeqi.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Igama elithi inyanga liyigama elidala lesiZulu elithi umuntu owelaphayo, umelaphi. Isenzo esithi ukunyanga sona sisho ukwelapha. Imvelaphi yelithi inyanga isolimini olwandulela isintu, kwelithi -mʊ̀gàngà elisebenza kokubili kumuntu owelaphayo nasendikimbeni esemkhathini.

Ngaphambi kokuthi umuntu abe yinyanga uqale athwase, ubizwa ithwasa. Kulenkathi usuke efundiswa futhi ecotshelelwa ngolwazi lwamakhambi, imithi nezindlela zokuxilonga nokulapha izifo. Izinyanga ziyaqeqeshwa ukuze zikwazi ukwelapha, kwesinye isikhathi umuntu ubizelwa kulo msebenzi ngephupho. Izangoma zona zivame ukufikelwa umoya wobungoma, ingakho kuthiwa ziyethwasa. Kodwa kunomehluko omkhulu phakathi kwezangoma nezinyanga.

Igama elithi ukwethwasa liyasetshenziswa nalapho kukhulunywa ngenyanga esemkhathini, lapho kuqala inyanga entsha kuthiwa "ukwethwasa kwenyanga". Igama lesiZulu lokuhlonipha inyanga lithi impengu. uMsukagama webizomfakela elithi udokotela ovela kwelesiNgisi elithi doctor nalo elobolekwe kwelesiLathini elithi docere eliyisenzo esithi ukufundisa noma ukuqeqesha. Lokhu kusho ukuthi elithi "doctor" lisho umfundisi, hhayi umuntu olaphayo. futhi elithi doctorate lona lisho imvume yokufundisa.