Jump to content

Inzululwazi

Kubuya ku Wikipedia
Umdwebo wokulwiza komkhathilibe

Inzululwazi futhi ISayensi iyisigabavu esihleliwe nendlela yokuzuza lonke ulwazi olungaba khona emhlabeni nakumkhathilibe wonke. Kwinzululwazi kukhona izindlela zokuhlela izincazelo ezivivinyayo nokubikezela ngomkhathi. [1] [2] Kubalulekile kakhulu kwinzululwazi ukuba imiphumela yezivivinyo nocwaningo kube eqinisekiswe osonzululwazi abaningi ukuze amaqiniso ayo angaphuma odwa kuvezwa amaphutha. Kwencikene kakhulu nokusizana kuhlanganwe.

Izimpande zokuqala zenzululwazi ziseGibhithe lasendulo naseMesopotamiya kusukela cishe ngowezi-3500 kuya ku-3000 BCE.[3] [4] Amagalelo abo kwezomchazazibalo, ezomchazamkhathi, kanye nezokwelapha angena futhi abumba iFilosofi yemvelo yamaGreki yenkathi yakudala, okuyilapho kwenziwa khona imizamo emisiwe yokuqhamuka nezincazelo ezisekelwe emsukeni ongokwemvelo wezinto ezenzeka endaweni ebonwa ngamehlo. Ngemuva kokuwa koMbuso oseNtshonalanga WaseRoma, ulwazi lwemiqondo yamaGrikhi ngomhlaba lwehla eNtshonalanga Yurophu phakathi neminyaka engamakhulu amane yokuqala (eyama-400 kuya kwe-1000 CE) weNkathi Ephakathi [5] kepha lwalondolozwa emazweni obuSulumane ngesikhathi se- nkathi yokuChuma kobuSulumane. [6] Ukubuyiselwa nokuhlanganiswa kwemisebenzi yamaGrikhi nemibuzo yamaSulumane eNtshonalanga Yurophu kusuka ngekhulu le-10 kuye le-13 kwavuselela "iFilosofi yemvelo", [7] kamuva eyaguqulwa yinguquko yenzululwazi eyaqala ngekhulu le-16 [8] njengoba amasu amasha kanye nokusanda-kufunyanwa kwayishiya imiqondo namasiko wamaGrikhi kwangaphambili. [9] [10] [11] [12] Indlela-su yenzululwazi ngokushesha yadlala indima enkulu ekwakhiweni kolwazi futhi kuze kwaba ngekhulu lam-19 lapho izici eziningi zezikhungo nokucwephesha zenzululwazi ezaqala ukwakheka; [13] [14] [15] kanye nokushintshwa "kwefilosofi yemvelo" kube isayensi yemvelo. [16]

Inzululwazi yanamuhla ngokuvamile ihlukaniswe yaba amagatsha amathathu amakhulu aqukethe inzululwazi yemvelo (isib, umchazampilo, umchazatho, kanye nomchazandalo), efunda imvelo ngomqondo obanzi; inzululwazi yezenhlalo (isib, Ezomnotho, ezengqondo, kanye nezenhlalo), ezifunda abantu ngabanye nemiphakathi; kanye nenzululwazi yesimo (isib. umhluzaqondo, umchazazibalo, kanye nesayensi yesiCikizi semibhalo), ephathelene nezimpawu ezilawulwa yimithetho. Kodwa kukhona ukungaboni ngaso linye, [17] [18] ekutheni inzululwazi ehlelekile empeleni yakha inzululwazi njengoba ingasekelwe ebufakazini obungcwetile. [19] Imikhakha esebenzisa ulwazi olukhona lwenzululwazi ngezinjongo ezisebenzayo, enjengomNgcikisho, ezokwelapha, zichazwa njengenzululwazi esetshenziswayo. [20] [21] [22] [23]

Ulwazi olusha lwenzululwazi luthuthukiswa ucwaningo losonzululwazi abagqugquzelwa ilukuluku ngokuphathelene nomhlaba kanye nayisifiso sokuxazulula izinkinga. Ucwaningo lwenzululwazi lwanamuhla lwenziwa ngokubambisana okukhulu futhi luvame ukuqhutshwa amathimba akwezemfundo, izikhungo zokucwaninga, izikhungo zikahulumeni nezinkampani. Umthelela osebenzayo ocwaningweni lwenzululwazi uholele ekuqubukeni kwezinqubomgomo zesayensi ezifuna ukuthonya umhwebo wenzulukeazi ngokubeka phambili ukuthuthukiswa kwemikhiqizo yezentengiso, izikhali, ukunakekela impilo, futhi ukuvikelwa kwemvelo.

Igama elithi inzululwazi elisetshenziswa ukuhumusha elithi science lisho 'isimo sokwazi noma ulwazi olunzulu ngendalo ezungezile. Igama elithi inzululwazi liyinhlanganisela yamabizo amabili athi 'nzulu + ulwazi' ngoba loluhlobo lolwazi lunzulu, ludinga ukufundwa kabanzi nokucwaningwa ngokujulile. Lingcono kakhulu kunalelo elingumfakela othi isayensi. Leli liyibizo lesintu okufanele silisebenzise. Nansi indlela yokulisebenzisa lona kanye namanye ahlobene nalo:

  • science - inzululwazi
  • scientist - usonzululwazi
  • scientific - okwenzululwazi

uMlando wakuqala

[hlela | Hlela umthombo]
Clay tablet with markings, three columns for numbers and one for ordinals
Isibhebhe sase-Plimpton, seziqoshwa zaseBhabhiloni, esabhalwa cishe ngowe-1800 BCE

Inzululwazi ayinawo umsuka owodwa vo. Kunalokho, izindlelasu ezihleliwe zavela lusilili ngokuhamba kwesikhathi seminyaka engaphezu kwezinkulungwane,[24][25] ngezimo ezingafani ezingxenyeni ezihlukene zomhlaba, futhi inbalwa imininingwane ekhona emayelana nokuthuthuka kwayo endulo. Kungenzeka abesifazane babeneqhaza elikhulu kwinzululwazi yasendulo,[26] njengoba kunjalo nangemicikilisho yezenkolo.[27] Ezinye izazi zisebenzisa ebizo elithi 'inzululwazi yanguna' ukuze bagqabe ubuqhebeqhebe basendulo obunenswebu yenzululwazi yanamuhla kulwangu lwayo;[28][29][30] nokho, lomgqabo uye wahlatshwa kakhulu njengothunazayo[31] noma osikisela ngokweqile umbono wobumanjemanje (Presentism), njengoba ubhekwa Lobo buqhebeqhebe ngeso lemijinjo yanamuhla.[32]

Ubufakazi obuqandikhanda bemidludlungu yenzululwazi baqala ukucaca ekufikeni kwezimiso zokubhala emiphakathini yasendulo njengaseGibhithe naseMesopothamiya, kanjalo kwaqopheka iziqoshwa zokuqala emlandweni wenzululwazi.[4] Nakuba amazwi nezicabangelo ezithi 'inzululwazi' nesithi 'imvelo' zazingeyona ingxenye yenkulumo yangaleso sikhathi, imiphakathi yasendulo yaba namagalelo abalulekile naba nendawo kwinzululwazi yamaGrikhi nasenkathini ephakathi.

Abantu baseMesopothamiya lasendulo basebenzisa ulwazi olumalungana nezakhi ezihlukene zeziqa ukuze bakhiqize amakhamba, izindindimana, inhlaka, insipho, izinkimbi, isinomfiya, nesivimbamanzi.[33] Bacwaninga uchazomzimba lwezilwane, ukucondoza kwezilwane, nomchazanyezi ngezinjongo zokubhula.[34] AbaseMesopothamiya babenentshiseko enkulu kwezokwelapha[33] futhi iziyalo zemitho zokuqala zavela ngolimi lwamakhaledi ngoSendo lwesithathu lwase-Uri.[35] Babegxile kakhulu ekufundeni izihloko zenzululwazi ezazisebenziseka kwezenkolo nasempilweni futhi babengakuthakaseli ukugculisa ilukuluku.[33]

Enkathini yanguna

[hlela | Hlela umthombo]
Framed mosaic of philosophers gathering around and conversing
Imvanganiso yobungqandavu buka Plato, obukhandwe maphakathi nonyaka we-100 BCE kuya kowama-79 AD, oveza osonjulalwazi abaningi bamaGreki nezazishows

Enkathini yanguna, babekhona osonzululwazi abafundile, abayizicukuthwane, futhi ikwakungabesilisa abavevame ukwenza uphenyo ngemvelo lapho bethola isikhathi.[36] Ngaphambi kokuqanjwa noma ukuvubukulwa kwesicabango esibizwa phusis nona imvelo osonjulabuchopho bangaphanbi kukaSokrati, lamazwi ayevame ukusetshenziswa ukuchazisa indlela engokwemveli youkhula kwesitshalo,[37]

Izinjulabuchopho zamaGriki zesikole saseMilita esasungulwa uThalesi waseMilita kamuva esasiphethwe uAnazimanda waseMilita, kwaba abakoqala ukuzama ukuchaza isimongotho semvelo ngaphandle kokufaka amandla angavamile.[38] Abalandelu bakaPhayithagora baqhamuka nenjulalwazi yamanani eyinkimbinkimbi[39]:467–468 futhi baba negalelo elikhulu ekuthuthukeni komchazazibalo. Umchachiso wamachwe wona wathuthukiswa injulabuchopho engumgriki ebizwa uLusiphas nomfundi wakhe uDemokritu.[40][41] Kamuva, uEpikuru wathuthukisa ikosmoloji yemvelo ephelele esebenzisa ubuchwe (atomism) futhi wamukela umthetho (indinganiso) eyayimisa indlela yokuhlola Iqiniso lenzululwazi. iNyanga engumGriki uHippokrati wasungula isiko lendlelasu yenzululwazi yezokwelapha ehlelekile.[42][43] futhi waziwa ngokuthi "uYise Wezokwelapha".[44]

Emlandweni wezinjulabichopho zenzululwazi zakuqala, izinto zajika lapho uSokrati, esebenzisa injulalwazi ekufundeni ngezindaba zabantu, isimo semiphakathi yezombusazwe, ngolwazi loluntu ngokwalo. Indlela kaSokrati njengoba ichazwa kwizinkulumongxoxo zikPlato eyindlelasu yomthamundo yokucinga isihlawumbiselo: Isihlawumbiselo esingcono sitholwa ngokuhlonza nokususa lezo eziziphikisayo. Indlela kaSokrati icinga amaqiniso aziwayo nezinkolelo ngokuwaphiyizela ubuqatha.[45] USokrati wayigxeka indlela endala yokufunda umchazandalo njengeqagela kakhulu futhi esilela ukuzigxeka-siqu nokuzilungisa.[46]

Ekhulwini lesine BCE, uAristotile wakhanda uhlelo oluyisimiso senjulalwazi yeteleology.[47] Ekhulwini lesithathu BCE, ugqayinyanga ongumGriki uAristarkhasi waseSamos waba owokuqala oveza unongo lozungezilanga lomkhathilibe, lapho iLanga lisenkabeni futhi Imizulane ilizungeza..[48] Unongo luka-Aristarkhasi lwanqantuzwa kabanzi ngoba kwakuthiwa luphula imithetho yemvelo, kuyilapho oluka Ptolemy olubizwa Almagest, oluqukethe ingcaziso yozungezumhlaba kuzungezohlelo lwelanga, yamukelwa kabanzi.[49][50] Umqambi nomchazi wezibalo uArkhimedes waseSyracuse waba namagalelo ekusebenzeni kwesiqaqulu ([calculus).[51] UPliny omdala kwakungumbhali waseRoma nesazikwasani esabhala ingqoqelolwazi ebizwa Natural History.[52][53][54]

Enkathini ephakathi

[hlela | Hlela umthombo]
Picture of a peacock on very old paper
Ikhasi lokuqala lencwadi yangekhulu lesi-6 ethi Vienna Dioscurides libonisa impigogo

Ngenxa yokuwa kombuso waseRoma, ikhulu lesi-5 lambozwa ukwehla kwezingqithabuchopho nokuwohloka kolwazi olwalukhona endulo.

Enkathini yokukhanyiselwa

[hlela | Hlela umthombo]
see caption
Ikhasi lesihlokosiqu sohlelo lokuqala lowe1687 lwencwadi ethi Philosophiæ Naturalis Principia Mathematica ka-Isaac Newton

Ekuqaleni kwenkathi yokukhanyiselwa, uIsaac Newton wakha isisekelo sobunguxa basendulo ngencwadi ethi Philosophiæ Naturalis Principia Mathematica, eyaba nethonya elikhulu kwezomchazandalo.[55] U-Gottfried Wilhelm Leibniz wasebenzisa amabizo womchazandalo wobu-Aristotile, okuyiwona asetshenziswa ngendlela entsha.

Ucwaningo

[hlela | Hlela umthombo]

Ucwaningo lwenzululwazi lungaba oluyisisekelo noma lube olusetshenziswayo. Ucwaningo oluyisisekelo liwukucwaningwa kolwazi bese ucwaningo olusetshenziswayo lona lube ukucwaningwa kwezixazululo zezinkinga kusetshenziswa lolo lwazi. Ukuqondwa kokuningi kuvela ocwaningweni oluyisisekelo, nakuba ngezinye izikhathi ucwaningo olusetshenziswayo luhlozinga izinkinga ezithile. Lokhu kuholela ekuphefukeni kwezobuchwepheshe okwakungalindelwe.[56]

Indlelasu yeNzululwazi

[hlela | Hlela umthombo]
6 steps of the scientific method in a loop
A diagram variant of scientific method represented as an ongoing process

hb Ucwaningo lwenzululwazi lubandakanya ukusebenzisa Indlelasu yenzululwazi, efuna ukuchaza ngokungachemi izenzakalo zemvelo ngendlela enyalizekayo.[57] Osonzululwazi ngokuvamile balishaya indiva iqoqo leziqazikelo eziyisiseko ezidingekayo ukuze bahlanguze Indlelasu yenzululwazi: kukhona ingempela elingachemi labo bonke abayizibgqapheli; le ngempela elingachemi libuswa imithetho yemvelo: lemithetho yavubukulwa kusetshenziswa inkangelo ehleliwe nemigcanso. Umchazazibalo umqoka ekwakhiweni kwezihlawumbiselo, imichachiso, nemithetho, ngoba usetshenziswa kakhulu ekunongozeni komngakonani, ekukhangeleni nasekuqoqeni izilinganiso. Izibalomininingo ziyasetshenziswa ekufingqeni nasekuhlaziyeni Imininingo, okuyinto evumela osonzululwazi ukuba bahlole ukwethembeka kweziphumo zomgcanso.[58]

Kundlelasu yenzululwazi umgcanso womcabango ochazayo noma Isihlawumbiselo silethwa ezithebeni njengencazelo kusetshenziswa insingo kaOccam futhi kulindelwe ukuba kufunwe ukungaguquki;– ifane nezinye islziminya ezamukelwe ezihlobene nenkangelo noma umbuzo wenzululwazi.[59]

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Wilson, E.O. Consilience: The Unity of Knowledge.
  2. "... modern science is a discovery as well as an invention. It was a discovery that nature generally acts regularly enough to be described by laws and even by mathematics; and required invention to devise the techniques, abstractions, apparatus, and organization for exhibiting the regularities and securing their law-like descriptions."— p.vii Heilbron, J.L. (editor-in-chief). The Oxford Companion to the History of Modern Science.
  3. "The historian ... requires a very broad definition of "science" – one that ... will help us to understand the modern scientific enterprise. We need to be broad and inclusive, rather than narrow and exclusive ... and we should expect that the farther back we go [in time] the broader we will need to be."  p.3—Lindberg, David C. (2007). "Science before the Greeks". The beginnings of Western science: the European Scientific tradition in philosophical, religious, and institutional context (Second ed.). Chicago, Illinois: University of Chicago Press. pp. 1–27. ISBN 978-0-226-48205-7.
  4. 1 2 Grant, Edward (2007). "Ancient Egypt to Plato". A History of Natural Philosophy: From the Ancient World to the Nineteenth Century (First ed.). New York, New York: Cambridge University Press. pp. 1–26. ISBN 978-052-1-68957-1.
  5. Lindberg, David C. (2007). "The revival of learning in the West". The beginnings of Western science: the European Scientific tradition in philosophical, religious, and institutional context (Second ed.). Chicago, Illinois: University of Chicago Press. pp. 193–224. ISBN 978-0-226-48205-7.
  6. Lindberg, David C. (2007). "Islamic science". The beginnings of Western science: the European Scientific tradition in philosophical, religious, and institutional context (Second ed.). Chicago, Illinois: University of Chicago Press. pp. 163–92. ISBN 978-0-226-48205-7.
  7. Lindberg, David C. (2007). "The recovery and assimilation of Greek and Islamic science". The beginnings of Western science: the European Scientific tradition in philosophical, religious, and institutional context (2nd ed.). Chicago, Illinois: University of Chicago Press. pp. 225–53. ISBN 978-0-226-48205-7.
  8. Principe, Lawrence M. (2011). "Introduction". Scientific Revolution: A Very Short Introduction (First ed.). New York, New York: Oxford University Press. pp. 1–3. ISBN 978-0-199-56741-6.
  9. Lindberg, David C. (1990). "Conceptions of the Scientific Revolution from Baker to Butterfield: A preliminary sketch". Reappraisals of the Scientific Revolution (First ed.). Chicago, Illinois: Cambridge University Press. pp. 1–26. ISBN 978-0-521-34262-9.
  10. Lindberg, David C. (2007). "The legacy of ancient and medieval science". The beginnings of Western science: the European Scientific tradition in philosophical, religious, and institutional context (2nd ed.). Chicago, Illinois: University of Chicago Press. pp. 357–368. ISBN 978-0-226-48205-7.
  11. Del Soldato, Eva. The Stanford Encyclopedia of Philosophy (Fall 2016 ed.). Metaphysics Research Lab, Stanford University.
  12. Grant, Edward (2007). "Transformation of medieval natural philosophy from the early period modern period to the end of the nineteenth century". A History of Natural Philosophy: From the Ancient World to the Nineteenth Century (First ed.). New York, New York: Cambridge University Press. pp. 274–322. ISBN 978-052-1-68957-1.
  13. From Natural Philosophy to the Sciences: Writing the History of Nineteenth-Century Science. Chicago, Illinois: University of Chicago Press. ISBN 978-0-226-08928-7.
  14. The Oxford English Dictionary dates the origin of the word "scientist" to 1834.
  15. Lightman, Bernard. "13. Science and the Public". Wrestling with Nature : From Omens to Science. Chicago: University of Chicago Press. ISBN 978-0226317830.
  16. Harrison, Peter. The Territories of Science and Religion. Chicago: University of Chicago Press. pp. 164–165. ISBN 9780226184517.
  17. Bishop, Alan (1991). "Environmental activities and mathematical culture". Mathematical Enculturation: A Cultural Perspective on Mathematics Education. Norwell, Massachusetts: Kluwer Academic Publishers. pp. 20–59. ISBN 978-0-792-31270-3.
  18. Bunge, Mario. "The Scientific Approach". Philosophy of Science: Volume 1, From Problem to Theory. New York, New York: Routledge. pp. 3–50. ISBN 978-0-765-80413-6.
  19. Fetzer, James H. (2013). "Computer reliability and public policy: Limits of knowledge of computer-based systems". Computers and Cognition: Why Minds are not Machines. Newcastle, United Kingdom: Kluwer Academic Publishers. pp. 271–308. ISBN 978-1-443-81946-6.
  20. Fischer, M.R. (2014). Thinking and acting scientifically: Indispensable basis of medical education. pp. Doc24.
  21. Abraham, Reem Rachel (2004). Clinically oriented physiology teaching: strategy for developing critical-thinking skills in undergraduate medical students. pp. 102–04.
  22. Sinclair, Marius. On the Differences between the Engineering and Scientific Methods.
  23. "Engineering Technology :: Engineering Technology :: Purdue School of Engineering and Technology, IUPUI". Missing or empty |url= (help)
  24. Carruthers, Peter (2002-05-02), Carruthers, Peter; Stich, Stephen; Siegal, Michael, eds., "The roots of scientific reasoning: infancy, modularity and the art of tracking", The Cognitive Basis of Science (Cambridge University Press): pp. 73–96, doi:10.1017/cbo9780511613517.005, ISBN 978-0-521-81229-0
  25. Lombard, Marlize; Gärdenfors, Peter (2017). "Tracking the Evolution of Causal Cognition in Humans". Journal of Anthropological Sciences 95 (95): 219–234. doi:10.4436/JASS.95006. ISSN 1827-4765. PMID 28489015.
  26. Graeber, David; Wengrow, David (2021). The Dawn of Everything. p. 248.
  27. Budd, Paul; Taylor, Timothy (1995). "The Faerie Smith Meets the Bronze Industry: Magic Versus Science in the Interpretation of Prehistoric Metal-Making". World Archaeology 27 (1): 133–143. doi:10.1080/00438243.1995.9980297. JSTOR 124782.
  28. Tuomela, Raimo (1987). "Science, Protoscience, and Pseudoscience". In Pitt, J.C.; Pera, M. Rational Changes in Science. Boston Studies in the Philosophy of Science. 98. Dordrecht: Springer. pp. 83–101. doi:10.1007/978-94-009-3779-6_4. ISBN 978-94-010-8181-8.
  29. Smith, Pamela H. (2009). "Science on the Move: Recent Trends in the History of Early Modern Science". Renaissance Quarterly 62 (2): 345–375. doi:10.1086/599864. PMID 19750597.
  30. Fleck, Robert (March 2021). "Fundamental Themes in Physics from the History of Art" (in en). Physics in Perspective 23 (1): 25–48. Bibcode 2021PhP....23...25F. doi:10.1007/s00016-020-00269-7. ISSN 1422-6944. https://link.springer.com/10.1007/s00016-020-00269-7.
  31. Scott, Colin (2011). "Science for the West, Myth for the Rest?". In Harding, Sandra. The Postcolonial Science and Technology Studies Reader. Durham: Duke University Press. p. 175. doi:10.2307/j.ctv11g96cc.16. ISBN 978-0-8223-4936-5. OCLC 700406626.
  32. Dear, Peter (2012). "Historiography of Not-So-Recent Science". History of Science 50 (2): 197–211. doi:10.1177/007327531205000203.
  33. 1 2 3 McIntosh, Jane R. (2005). Ancient Mesopotamia: New Perspectives. Santa Barbara, California, Denver, Colorado, and Oxford, England: ABC-CLIO. pp. 273–76. ISBN 978-1-57607-966-9. Archived from the original on February 5, 2021. Kulandwe ngomhlaka October 20, 2020. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  34. Aaboe, Asger (May 2, 1974). "Scientific Astronomy in Antiquity". Philosophical Transactions of the Royal Society 276 (1257): 21–42. Bibcode 1974RSPTA.276...21A. doi:10.1098/rsta.1974.0007. JSTOR 74272.
  35. Biggs, R D. (2005). "Medicine, Surgery, and Public Health in Ancient Mesopotamia". Journal of Assyrian Academic Studies 19 (1): 7–18.
  36. Lehoux, Daryn (2011). "2. Natural Knowledge in the Classical World". In Shank, Michael; Numbers, Ronald; Harrison, Peter. Wrestling with Nature: From Omens to Science. University of Chicago Press. p. 39. ISBN 978-0-226-31783-0.
  37. An account of the pre-Socratic use of the concept of φύσις may be found in Naddaf, Gerard (2006). The Greek Concept of Nature. SUNY Press, and in Ducarme, Frédéric; Couvet, Denis (2020). "What does 'nature' mean?". Palgrave Communications (Springer Nature) 6 (14). doi:10.1057/s41599-020-0390-y. https://hal.science/hal-02554932/file/s41599-020-0390-y.pdf. Retrieved 16 August 2023. The word φύσις, while first used in connection with a plant in Homer, occurs early in Greek philosophy, and in several senses. Generally, these senses match rather well the current senses in which the English word nature is used, as confirmed by Guthrie, W. K. C. Presocratic Tradition from Parmenides to Democritus (volume 2 of his History of Greek Philosophy), Cambridge University Press, 1965.
  38. O'Grady, Patricia F. (2016). Thales of Miletus: The Beginnings of Western Science and Philosophy. New York: Routledge. p. 245. ISBN 978-0-7546-0533-1. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2020.
  39. Burkert, Walter (1 June 1972). Lore and Science in Ancient Pythagoreanism. Cambridge, MA: Harvard University Press. ISBN 978-0-674-53918-1.
  40. Pullman, Bernard (1998). The Atom in the History of Human Thought. Oxford University Press. pp. 31–33. Bibcode:1998ahht.book.....P. ISBN 978-0-19-515040-7. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2020.
  41. Cohen, Henri; Lefebvre, Claire, eds. (2017). Handbook of Categorization in Cognitive Science (2nd ed.). Amsterdam: Elsevier. p. 427. ISBN 978-0-08-101107-2. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2020.
  42. Margotta, Roberto (1968). The Story of Medicine. New York: Golden Press. Kulandwe ngomhlaka 18 November 2020.
  43. Touwaide, Alain (2005). Glick, Thomas F.; Livesey, Steven; Wallis, Faith, eds. Medieval Science, Technology, and Medicine: An Encyclopedia. New York: Routledge. p. 224. ISBN 978-0-415-96930-7. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2020.
  44. Leff, Samuel; Leff, Vera (1956). From Witchcraft to World Health. London: Macmillan. Kulandwe ngomhlaka 23 August 2020.
  45. "Plato, Apology". p. 17. Archived from the original on 29 January 2018. Kulandwe ngomhlaka 1 November 2017. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  46. "Plato, Apology". p. 27. Archived from the original on 29 January 2018. Kulandwe ngomhlaka 1 November 2017. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  47. Aristotle. Nicomachean Ethics (H. Rackham ed.). 1139b. Archived from the original on 17 March 2012. Kulandwe ngomhlaka 22 September 2010. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  48. McClellan, James E. III; Dorn, Harold (2015). Science and Technology in World History: An Introduction. Baltimore: Johns Hopkins University Press. pp. 99–100. ISBN 978-1-4214-1776-9. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2020.
  49. Graßhoff, Gerd (1990). The History of Ptolemy's Star Catalogue. Studies in the History of Mathematics and Physical Sciences. 14. New York: Springer. doi:10.1007/978-1-4612-4468-4. ISBN 978-1-4612-8788-9.
  50. Hoffmann, Susanne M. (2017). Hipparchs Himmelsglobus (in isi-German). Wiesbaden: Springer Fachmedien Wiesbaden. Bibcode:2017hihi.book.....H. doi:10.1007/978-3-658-18683-8. ISBN 978-3-658-18682-1.
  51. Edwards, C. H. Jr. (1979). The Historical Development of the Calculus. New York: Springer. p. 75. ISBN 978-0-387-94313-8. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2020.
  52. Lawson, Russell M. (2004). Science in the Ancient World: An Encyclopedia. Santa Barbara, CA: ABC-CLIO. pp. 190–191. ISBN 978-1-85109-539-1. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2020.
  53. Murphy, Trevor Morgan (2004). Pliny the Elder's Natural History: The Empire in the Encyclopedia. Oxford University Press. p. 1. ISBN 978-0-19-926288-5. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2020.
  54. Doody, Aude (2010). Pliny's Encyclopedia: The Reception of the Natural History. Cambridge University Press. p. 1. ISBN 978-1-139-48453-4. Kulandwe ngomhlaka 20 October 2020.
  55. Gribbin, John (2002). Science: A History 1543–2001. Allen Lane. p. 241. ISBN 978-0-7139-9503-9. Although it was just one of the many factors in the Enlightenment, the success of Newtonian physics in providing a mathematical description of an ordered world clearly played a big part in the flowering of this movement in the eighteenth century
  56. Dawkins, Richard (10 May 2006). "To Live at All Is Miracle Enough". RichardDawkins.net. Archived from the original on 19 January 2012. Kulandwe ngomhlaka 5 February 2012.
  57. di Francia, Giuliano Toraldo (1976). "The method of physics". The Investigation of the Physical World. Cambridge University Press. pp. 1–52. ISBN 978-0-521-29925-1. The amazing point is that for the first time since the discovery of mathematics, a method has been introduced, the results of which have an intersubjective value!
  58. Diggle, Peter J.; Chetwynd, Amanda G. (2011). Statistics and Scientific Method: An Introduction for Students and Researchers. Oxford University Press. pp. 1–2. ISBN 978-0-19-954318-2.
  59. Wilson, Edward (1999). Consilience: The Unity of Knowledge. New York: Vintage. ISBN 978-0-679-76867-8.

Izixhumanisi ezingaphandle

[hlela | Hlela umthombo]