Isizindalwebu

Mayelana Wikipedia
Isizindalwebu se-usap.gov

Isizindalwebu abanye abathi isizindalwazi siyiqoqo lamakhasi olwebu nesiqikili esiyamaniswa nawo konke okuhlonzeka ngegama lesidlangala elilodwa futhi kushicilelwa ngesiphakeli lwebu esisodwa. Izibonelo zezizibdalwebu i-Google, Facebook, Amazon, kanye ne-Wikipedia.


Zonke izizindalwebu ezifikelelwa umphakathi zakha iqoqovane elibizwa uLwebu lomhlaba wonke. Kukhona nezizindalwebu ezisisulu ezifikelelwa kuphela ngoxhoxho olusisulu, ezifana nesizindalwebu somshumanqa sangaphakathi sabasebenzi baso.

Izizindalwebu imvama zenzelwa ukuphatha isihloko esithile noma injongo ethile, efana nezindaba, imfundo, ezentengiselwano, ezokunandisa, noma izinkundla zokuxhumana. Ukukhongca phakathi kwamakhasi kuqondisa ukugegeleza (navigation) isizinda, imvama okusungula ngekhasi lokuqala.

Abasebenzisi bangafikelela izizindalwebu ngezilekeleli ezihlukile, ezihlanganisa iziCikizi, iziGonwa, izibhebhe, noMakhalipha. Inkigi (app) esethsenziswa kulezilekeleli ibizwa isiphequluli.