UMFULA INCOME

Mayelana Wikipedia

Template:Infobox river

Isithombe esibonisa Umfula iNcome neBhuloho lokubuyisana elakhiwa uHulumeni.

Umfula i-Blood/Ncome (Afrikaans: Bloedrivier; Zulu: iNcome) itholakala phakathi kwendawo yaseNquthu neyase Baqulusini (Vryheid) KwaZulu-Natal, INingizimu Afrika. Lo mfula unemithombo yawo emagqumeni aseNingizimu-Mpumalanga yedolobha lase-Trehe (Utrecht). Ushiya izindawo eziphakeme uhlangane nemifudlana emibili IShurveberg ugeleza uhambe ethafeni elinesihlabathi.[1] UMfula iNcome ungumfudlana omncane othelela umfula uThekula ohlangana nawo usuka eNyakatho-Mpumalanga.[2]

Lo mfula waqanjwa ngeMpi yaseNcome lapho iNkosi uDingane yanqotshwa khona ngamaBhunu ngo-16 December 1838. Ngokokusho komunye umlando kuthiwa amanzi aba bomvu ngenxa yegazi lamadoda amaZulu afa lapha ngobuningi. Kwakuyimpi namaBhunu angu-464 nama-amabutho angaphezu kuka-30,000. Ukukhunjulwa kwalempi kwaholela ekutheni kube neholidi ngosuku lwe- 16 Disemba elibizwa ngokuthi Usuku LwesiVumelano (Afrikaans: Geloftedag) eNingizimu Afrika yobandlululo. Kubantu bakwaZulu lwabe lwaziwa ngokuthi usuku lukaDingane. [3] Ngo-1994, ngemuva kokufika kweNkululeko lwabizwa ngokuthi Usuku Lokubuyisana, iholidi laminyaka yonke elitholakala ngomhlaka -16 Disemba.

I-Blood River itholakala ebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-20 eNingizimu-Ntshonalanga yedolobha lase-Vryheid, ingenye yezindawo ezingamaxhaphozi ezinkulu kakhulu eNingizimu Afrika kanye nendawo yokuchitha ubusika yezinyoni ezifudukayo njengamadada namahansi. 

Imithombo Yolwazi[hlela | Hlela umthombo]

  • Kajsa Norman, Bridge Over Blood River: The Rise and Fall of the Afrikaners, Hurst and Company, London, 2016, .