Umchachiso wokwaziswa
Umchachiso wokwaziswa uwucwaningo lomchazazibalo lokungakanisa, ukuqoqonga, nokuxhumana kokwaziswa . Lo mkhakha wasungulwa futhi wagxiliswa nguClaude Shannon ngeminyaka yowe-1940, [1] nakuba iminikelo yokuqala yenziwa ngeminyaka yowe-1920 ngemisebenzi kaHarry Nyquist noRalph Hartley . Usempambanweni yomngcikisho wengabazuba, umchazazibalo, izibalomininingo, inzululwazi yesicikizi, umchazazinzwa, umchazandalo, nomngcikisho wamazuba . [2] [3]
Isilinganiso esiyinhloko kumchachiso wokwaziswa isigubukani . Isigubukani singakanisa inani lobuqhashiya elihilelekile enanini lesihwexu esithukelayo noma umphumela womdludlungu othukelayo. . Isibonelo, ukuhlonza umphumela okugobqoloza kohleza (okunemiphumela emibili elinganayo) kuhlinzeka ngokwaziswa okuncane (isigubukani esiphansi, ubuqhashiya obuncane) kunokuhlonza umphumela ovela ohlwini lwenkatho (enemiphumela eyisithupha elinganayo). Ezinye izilinganiso ezibalulekile kumchachiso yokwaziswa, ziwukwaziswa okufanayo, umthamo womgudu, ama-exponents amaphutha, kanye nesigubukani esicakathene . Imikhakha engaphansi ebalulekile yomchachiso wokwaziswa ihlanganisa umkitizo, umchachiso wenkiya yomkholezima, umchachiso wokwaziswa womkholezima kanye nelondo kokwaziswa komchachiso .
Ukusetshenziswa kwezihloko eziyisisekelo zonchachisi wokwaziswa zihlanganisa ukukitiza/ukubhuthaza imininingo (isb. kumahele e-ZIP ), nenguqukezelo yomgudu/ ukuhlongwa kwamaphutha nokuwalungisa (isb ku- DSL ). Umthelela wawo ube obalulekile empumelelweni yokuthunywa kwe -Voyager emajukujukwini omkhathi, ukuqanjwa kwendingilizi ewucwecwe, impumelelo kamakhalekhukhwini kanye nokuthuthukiswa koxhakaxholo. [3] Umchachiso wathola ukusetshenziswa kwezinye izindima, okuhlanganisa ukuchazwa kwezibalomininingo, [4] umchazanyandla, umchazazinzwa, intshwayo, [5] ukudludlungwa kwesiyabizo, [2] izilimi, ukuziphendukela kwemvelo [6] kanye nomsebenzi [7] wamakhodi wamangqamuzana ( i-bioinformatics ), umchazandalo womchadamezo, [8] isidlakalsi semizwayi, [9] iziGwinqa, ukucikiza ngohoyana, ukulanda ukwaziswa, ukuqoqwa kobuhlakani, ukutholwa kokukopela, [10] ukuqashelwa kwephethini, ukutholwa okungaqondakali, ukuhlaziywa komculo, [11] [12] ukudala ubuciko, [13] ukuklama uhlelo lokucabanga, ngisho ne nomchazalwazi . [14]
- ↑ Schneider, Thomas D. (2006). "Claude Shannon: Biologist". IEEE Engineering in Medicine and Biology Magazine: The Quarterly Magazine of the Engineering in Medicine & Biology Society 25 (1): 30–33. doi:10.1109/memb.2006.1578661. ISSN 0739-5175. PMC 1538977. PMID 16485389. http://www.pubmedcentral.nih.gov/articlerender.fcgi?tool=pmcentrez&artid=1538977.
- ↑ 2.0 2.1 Information Theory Applications in Signal Processing. pp. 653.
- ↑ 3.0 3.1 . p. 23. Missing or empty
|title=
(help) - ↑ Burnham, K. P. and Anderson D. R. (2002) Model Selection and Multimodel Inference: A Practical Information-Theoretic Approach, Second Edition (Springer Science, New York) ISBN 978-0-387-95364-9.
- ↑ Delgado-Bonal (2016-11-03). Human vision is determined based on information theory. p. 36038.
- ↑ cf. Bayesian inference of phylogeny and its impact on evolutionary biology. p. 2310–2314.
- ↑ Allikmets. Thomas D. Schneider, Michael Dean (1998) Organization of the ABCR gene: analysis of promoter and splice junction sequences]. p. 111–122. http://alum.mit.edu/www/toms/.
- ↑ Jaynes. Information Theory and Statistical Mechanics. http://bayes.wustl.edu/.
- ↑ Talaat (2020-10-05). Method of information entropy for convergence assessment of molecular dynamics simulations. p. 135102.
- ↑ Bennett. Chain Letters and Evolutionary Histories. p. 76–81. Archived from the original on 2007-10-07. https://web.archive.org/web/20071007041539/http://www.sciamdigital.com/index.cfm?fa=Products.ViewIssuePreview&ARTICLEID_CHAR=08B64096-0772-4904-9D48227D5C9FAC75. Retrieved 2008-03-11.
- ↑ Loy (2017), Music, Expectation, and Information Theory, p. 161–169, https://link.springer.com/chapter/10.1007/978-3-319-47337-6_17, retrieved 2024-09-19
- ↑ Rocamora (2019-04-05). Information Theory Concepts Applied to the Analysis of Rhythm in Recorded Music with Recurrent Rhythmic Patterns. p. 160–173. http://www.aes.org/e-lib/browse.cfm?elib=20449.
- ↑ Marsden (2020). New Prospects for Information Theory in Arts Research. p. 274–280. https://direct.mit.edu/leon/article/53/3/274-280/96875.
- ↑ Harms (1998). The Use of Information Theory in Epistemology. p. 472–501. https://www.jstor.org/stable/188281.