Umncwebe

Mayelana Wikipedia
Imincwebe yensogcaki ''(amethyst quartz)''

Umncwebe uyisinqumela esinamachwe (noma amachembe) ahlelenjwe ngesifanelo esiwuhlaka olusimoncinci. Imincwebe yakhiwa imitshoko ngenqubo ebizwa ukuncwebeka, ewuhlobo lokuguquka kwesimo. Ngokuvamile umtshoko kuba uketshezi, Kodwa imincwebe iyakheka nangohowo. Ngokwesibonelo, iqhwa liyimincwebe yamanzi ebunjwe kusuka emoyeni oqukethe umhwamuko wamanzi (amanzi ahwamukile). Ukuncwebeka kungenzeka ngokukhazeka (freezing) komtshoko olula. Ngezinye izikhathi umchadamezo nengcindezi kuyadingeka ukuze isiqa sibumbe imincwebe. Idayimani liwumncwebe womcalahle obumbeke ngaphansi komchadamezo nengcindezi. Imincwebe iyatholakala ngokwemvelo noma ingakhandwa.