Umlando we-ANC

Mayelana Wikipedia
Ifulegi le-ANC
Abaholi Bokuqala beSouth African Native National Congress kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla: Thomas Mapike, Rev Walter Rubusana, Rev John Dube, Saul Msane, kanye noSol Plaatje

iUmlando we-African National Congress , yiqembu lezombusazwe laseNingizimu Afrika, uqala nabasunguli bawo John Langalibalele Dube (umafukuzela) owaba ngumongameli wokuqala ngonyaka we-1912, kanti ngemva kwalokho kwalandela uPixley ka Isaka Seme,Inkosi uAlbert Lutuli nabanye. futhi inhlangano ubuzwemnyama. Njengoba zazivinjelwe eNingizimu uhulumeni 1960-90, I-ANC yanqoba.

Ngeminyaka yo-1960 abaholi bayo badingiswa kanti abanye babo babanjwa bagqunywa ejele iminyaka eminingi, okubalwa o-Oliver Tambo noNelson Mandela kanye nabanye, kanti nalo leli qembu lamiswa ukuba lingabe lisaqhubeka nemisebenzi yalo, lamiswa ngumbuso wengcindezelo wabamhlophe. Maningi amalungu we-ANC adingiswa kanti amanye abulawa, ikakhulukazi amalungu lawo abengaphansi kwamasosha e-ANC Umkhonto Wesizwe. I-ANC yona yayilwela umbuso wentando yeningi, ubulungiswa obulinganayo kuzo zonke izinhlanga zabantu.Ngonyaka we-1994 kwaba khona ukhetho lwezwe lokuqala lwentando yeningi mhla zinga-27 uMbasa .Okhethweni lokuqala lwentando yeningi yezwe we-1994 nomhloli walo, uNelson Mandela, waba ngumengameli wezwe. I-ANC edume ngokhongolose yavotelwa ngelikhulu isasasa ngabantu abangaphezu kwamaphesenti angama-60.

Umongameli we-ANC[hlela | Hlela umthombo]

Ngo-17 Disemba 2017, uCyril Ramaphosa wakhethwa ukuba abe nguMengameli omusha we-ANC.[1]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. "anc.org.za: President". Archived from the original on 2018-02-19. Kulandwe ngomhlaka 2017-12-20.