Izilwane

Izilwane ziyiziphili ezivelendeni, ezingomangqamuzana zombuso womchazampilo obizwa eziyizilo. Ngaphandle nje kwezimbalwa, iningi lezilwane zishwabadela izinto zemvelo, ziphefumula isOhwe, zino-myocytes futhi ziyakwazi ukunyakaza, nokuzala, futhi zikhula kusuka emangqamuzaneni ayizimbulunga ezilukhophoco, ne-blastula, lapho zisaseyimibungu ekhulayo. Izilwane zakha incekwa (clade) okusho ukuthi zivela kukhokho oyedwa. Kunemiqhinqo yezilwane eziphilayo eyisigidi ( 1.5 million) echazisiwe, kube nezinambuzane eziyizigidi (1.05 million), futhi ezinomgogodla ziyizi-65,000. Kubikwa ukuthi kunemiqhinqo eyizigidi ezi-7.77 eziphila eMhlabeni. Isifundo senzululwazi esicwaninga izilwane sibizwa ngokuthi Umchazazilo.
Umbuzo wezilwane uhlukaniswe waba izincekwa ezinhlanu ezimqoka, okungukuthi Porifera, Ctenophora, Placozoa, Cnidaria and Bilateria. Iningi lemiqhinqo ephilayo iyingxenye yencekwa iBilateria.
iziLwane ezitholakala eNingizimu Afrika yilezi :
- Indlovu (Elephant)
- Ibhubesi or Ingonyama (Lion)
- Ingwe (Leopard)
- Inyathi (Buffalo)
- Ubhejane (Black Rhino)
- Umkhombe (White Rhino)
- Ikhanka / Impungushe (Jackal)
- Inkentshane (Wild Dog)
- Impisi (Hyena)
- Ingulule (Cheetah)
- Indlonzi/ndlozi/hlosi (serval cat)
- Impala (Impala)
- Inyala (Nyala)
- Imbokodo (Springbuck)
- Insimba (Genet cat/wild Cat)
- Insele (Honey Badger)
- Unogolantethe (White Stork)
- Ingungumbane (Porcupine)
- Isambane (Aardvark)
- Isidla-izintuthwane (Anteater)
- Ivondwe (Cane Rat)
- Uchakide (Weasel/mongoose)
- Ingulube yehlathi (Wild Pig)
- Unogwaja (Rabbit)
- Intibane (Warthog)
- Idube (Zebra)
- Indlulamithi (Giraffe)
- Imboma or Imvubu (Hippo)
- Ingwenya (Crocodile)
- Inkawu (Vervet Monkey)
- Insimango (Samango Monkey)
- Imfene (Baboon)
- Intulo (Agama lizard)
- Imbila (Dassie or hyrax)
- Inkonkoni (Wildebeest or Gnu)
- Inqe (Vulture)
- Inhlwathi (Python)
- Ibululu (Puff adder)
- Ihlengethwa (Dolphin)
- Iselesele (Frog)
- Isilo (Tiger)
nezinye eziningi.