Izilwane

Izilwane ziyiziphili ezivelendeni, ezingomangqamuzana zombuso womchazampilo obizwa eziyizilo. Ngaphandle nje kwezimbalwa, iningi lezilwane zishwabadela izinto zemvelo, ziphefumula isOhwe, zino-myocytes futhi ziyakwazi ukunyakaza, nokuzala, futhi zikhula kusuka emangqamuzaneni ayizimbulunga ezilukhophoco, ne-blastula, lapho zisaseyimibungu ekhulayo. Izilwane zakha igatsha (clade) okusho ukuthi zivela kukhokho oyedwa. Kunemiqhinqo yezilwane eziphilayo eyisigidi ( 1.5 million) echazisiwe, kube nezinambuzane eziyizigidi (1.05 million), futhi ezinomgogodla ziyizi-65,000. Kubikwa ukuthi kunemiqhinqo eyizigidi ezi-7.77 eziphila eMhlabeni. Isifundo senzululwazi esicwaninga izilwane sibizwa ngokuthi Umchazazilo.
Umbuzo wezilwane uhlukaniswe waba izincekwa ezinhlanu ezimqoka, okungukuthi iMfomfici (Porifera), iThekechwayo (Ctenophora), iThebelwane (Placozoa), isibabasholo (Cnidaria) neCelengonqa (Bilateria). Iningi lemiqhinqo ephilayo iyingxenye yencekwa iCelengonqa.
uMsukagama
[hlela | Hlela umthombo]Elithi isilwane elisho iziphili ezihlukahlukene ezifuywayo nezasendle, liyisinciphiso segama elithi isilo elibhekisela kuziphili zasezweni ezinonya njengengwe oma ibhubesi. Uma isilwane sisincane kuthiwa isilokazane, isilonyakazane noma isilwanyazane. Lezi zinciphiso zivame ukubhekisela kulezi zilwane zifana nezintethe, izintuthwane noma zonke izinambuzane.
Izinkondolo
[hlela | Hlela umthombo]
Izilwane zinezinkondolo ezimbalwa ezitholakala nakwezinye iziphili. Izilwane ziyizimvelendeni, ezingonomangqamuzana futhi ezinophefusohwe (aerobic respiration), njengezitshalo nokhunta.[1] Ngokuphambene nezitshalo nolwelwe, oluzithelelayo ukudla,[2] izilwane azizitheleli ukudla,[3][4] okungulwangu nokhunta elinalo. Izilwane zigwinya izithako zemvelo futhi zikugaye ngaphakathi.[5]
Izilwane ezitholakala eNingizimu Afrika
[hlela | Hlela umthombo]| Igama lesiZulu | Igama lesiNgisi | Igama lesayensi |
|---|---|---|
| Indlovu | Elephant | |
| Ibhubesi, Ingonyama, Imbube | Lion | Panthera leo |
| Ingwe | Leopard | Panthera pardus |
| Inyathi | Buffalo | |
| Ubhejane | Black rhino | Diceros bicornis |
| Umkhombe | White rhino | Ceratotherium simum |
| Ikhanka, Impungushe | Jackal | |
| Inkentshane | Wild dog | |
| Impisi | Hyena | |
| Intuhu | Aardwolf | Proteles cristata |
| Ingulule | Cheetah | Acinonyx jubatus |
| Indlonzi, Indlozi, Ihlosi | Serval cat | Leptailurus serval |
| Indabushe | Caracal | Caracal caracal |
| Impala | Impala | Aepyceros melampus |
| Inyala | Nyala | Tragelaphus angasii |
| Ilulwane | Bat | |
| Ihlengethwa | Dolphin | |
| Inkonkoni | Wildbeest, Gnu | |
| Imbila | Dassie, Hyrax | |
| Imfene | Baboon | |
| Inkawu | Vervet monkey | Chlorocebus pygerythrus |
| Ingwenya | Crocodile | Crocodylus niloticus |
| Imvubu, Imboma | Hippo | Hippopotamus amphibius |
| Indlulamithi | Giraffe | |
| Idube | Zebra | Equus quagga |
| Intibane | Warthog | Phacochoerus africanus |
| Unogwaja | Rabbit, Hare | |
| Uchakide | Weasel, Mongoose | |
| Igundane | Rat, Mouse | |
| Ivondwe | Cane rat | Thryonomyidae |
| Isambane | Aardvark | |
| Isambane esimagobolondo | Pangolin | |
| Ingungumbane | Porcupine | |
| Insele | Honey badger | |
| Udlamhloswana | Bat-eared fox | Otocyon megalotis |
| Imbabala | Cape bushbuck | Tragelaphus sylvaticus |
| Insimba | Genet cat, Wild cat | |
| Imbokodo | Springbuck | |
| Impofu | Eland | |
| Inkukhama | Oryx | |
| Isinkwe | Bush baby, Galago | |
| Inyengelezi | African weasel | Poecilogale albinucha |
| Umkhomo | Whale |
| Igama lesiZulu | Igama lesiNgisi | Igama lesayensi |
|---|---|---|
| Izinyoni | ||
| Inqe | Vulture | |
| Ukhozi | Eagle | |
| Inkankane | Hadeda | Bostrychia hagedash |
| Unogolantethe | White stork | Ciconia ciconia |
| Isikhova | Owl | |
| Impangele | Helmet guinea-fowl | Numida meleagris |
| Ihlokohloko | Village weaver | Ploceus cucullatus |
| Umkholwane | Hornbill | |
| Idada | Duck | |
| Ijuba | Dove, Pigeon | |
| Ihansi | Goose | |
| Iphengwini | Penguin | |
| Izinambusane nezicabucabu | ||
| Ishongololo | Millipede | |
| Uvemvane | Butterfly | |
| Umiyane | Mosquito | |
| Umuhlwa | Termite | |
| Intuthwane | Ant | |
| Isicabucabu | Spider | |
| Ufezela | Scorpion | |
| Amphibians and Reptiles | ||
| Iselesele | Frog | |
| Ixoxo | Toad | |
| Imfudu | Tortoise, Turtle | |
| Izibankwa | ||
| Uxamu | Monitor lizard | |
| Intulo | Agama lizard | |
| Izinyoka | ||
| Ibululu | Puff adder | Bitis arietans |
| Inhlwathi | Phython | |
| Imamba | Mamba | |
| Umdlankuma | Cape centipede-eater | Aparallactus capensis |
| Imfezi | Cobra | |
| Izinhlanzi | ||
Ezinye izilwane ezitholakala emhlabeni wethu
[hlela | Hlela umthombo]| Igama lesiZulu | Igama lesiNgisi | Igama lesayensi | Izwekazi lokutholakala |
|---|---|---|---|
| IBhiva | Beaver | Castor fiber, C. canadensis | eYurophu naseNyakatho Melika |
| Isidla-izintuthwane | Anteater | eNingizimu Melika | |
| Umlalaphansi, IKhangaru | Kangaroo | e-Ostreliya/ Oceania | |
| Isilo | Tiger | e-Eshiya | |
| Inyamazane | Deer | eYurophu | |
| Inyamazane yase-Athiki | Reindeer | Rangifer tarandus | eYurophu, e-Eshiya naseNyakatho Melika |
| Ingulube yasendle | Wild boar | Sus scrofa | eYurophu nase-Eshiya |
Izilwane zasekhaya
[hlela | Hlela umthombo]| Igama lesiZulu | Igama lesiNgisi | Igama lesayensi |
|---|---|---|
| Inja | Dog | |
| Ikati | Cat | |
| Inkomo, Inkomazi | Cow | |
| Inkabi | Ox | |
| Imvu | Sheep | |
| Imbuzi | Goat | |
| Ihhashi | Horse | |
| Imbongolo | Donkey | |
| Ingulube | Pig | |
| Itshwele, Inkukhu | Chicken |
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Avila, Vernon L. (1995). [[[:Template:GBurl]] Biology: Investigating Life on Earth] Check
|url=value (help). Jones & Bartlett. p. 767. ISBN 978-0-86720-942-6. - ↑ Davidson, Michael W. "Animal Cell Structure". Archived from the original on 20 September 2007. Kulandwe ngomhlaka 20 September 2007. Unknown parameter
|url-status=ignored (help) - ↑ "Palaeos:Metazoa". Palaeos. Archived from the original on 28 February 2018. Kulandwe ngomhlaka 25 February 2018.
- ↑ Bergman, Jennifer. "Heterotrophs". Archived from the original on 29 August 2007. Kulandwe ngomhlaka 30 September 2007.
- ↑ Douglas, Angela E.; Raven, John A. (January 2003). "Genomes at the interface between bacteria and organelles". Philosophical Transactions of the Royal Society B. 358 (1429): 5–17. doi:10.1098/rstb.2002.1188. PMC 1693093. PMID 12594915.