Jump to content

Izilwane

Kubuya ku Wikipedia
(Redirected from Isilwane)
Izilwane ezinhlobonhlobo

Izilwane ziyiziphili ezivelendeni, ezingomangqamuzana zombuso womchazampilo obizwa eziyizilo. Ngaphandle nje kwezimbalwa, iningi lezilwane zishwabadela izinto zemvelo, ziphefumula isOhwe, zino-myocytes futhi ziyakwazi ukunyakaza, nokuzala, futhi zikhula kusuka emangqamuzaneni ayizimbulunga ezilukhophoco, ne-blastula, lapho zisaseyimibungu ekhulayo. Izilwane zakha igatsha (clade) okusho ukuthi zivela kukhokho oyedwa. Kunemiqhinqo yezilwane eziphilayo eyisigidi ( 1.5 million) echazisiwe, kube nezinambuzane eziyizigidi (1.05 million), futhi ezinomgogodla ziyizi-65,000. Kubikwa ukuthi kunemiqhinqo eyizigidi ezi-7.77 eziphila eMhlabeni.  Isifundo senzululwazi esicwaninga izilwane sibizwa ngokuthi Umchazazilo.


Umbuzo wezilwane uhlukaniswe waba izincekwa ezinhlanu ezimqoka, okungukuthi iMfomfici (Porifera), iThekechwayo (Ctenophora), iThebelwane (Placozoa), isibabasholo (Cnidaria) neCelengonqa (Bilateria). Iningi lemiqhinqo ephilayo iyingxenye yencekwa iCelengonqa.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Elithi isilwane elisho iziphili ezihlukahlukene ezifuywayo nezasendle, liyisinciphiso segama elithi isilo elibhekisela kuziphili zasezweni ezinonya njengengwe oma ibhubesi. Uma isilwane sisincane kuthiwa isilokazane, isilonyakazane noma isilwanyazane. Lezi zinciphiso zivame ukubhekisela kulezi zilwane zifana nezintethe, izintuthwane noma zonke izinambuzane.

Izinkondolo

[hlela | Hlela umthombo]
Izilwane ziyingqayivele ngoba zinamangqamuzana ayimbulunga lapho zisayimibungu (1) ekhula kube imbulunga elugumbu noma i-blastula (2).

Izilwane zinezinkondolo ezimbalwa ezitholakala nakwezinye iziphili. Izilwane ziyizimvelendeni, ezingonomangqamuzana futhi ezinophefusohwe (aerobic respiration), njengezitshalo nokhunta.[1] Ngokuphambene nezitshalo nolwelwe, oluzithelelayo ukudla,[2] izilwane azizitheleli ukudla,[3][4] okungulwangu nokhunta elinalo. Izilwane zigwinya izithako zemvelo futhi zikugaye ngaphakathi.[5]


Izilwane ezitholakala eNingizimu Afrika yilezi ngesibonelo :

[hlela | Hlela umthombo]

Ezinye izilwane emhlabeni wethu yilezi ngesibonelo :

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Avila, Vernon L. (1995). [[[:Template:GBurl]] Biology: Investigating Life on Earth] Check |url= value (help). Jones & Bartlett. p. 767. ISBN 978-0-86720-942-6.
  2. Davidson, Michael W. "Animal Cell Structure". Archived from the original on 20 September 2007. Kulandwe ngomhlaka 20 September 2007. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  3. "Palaeos:Metazoa". Palaeos. Archived from the original on 28 February 2018. Kulandwe ngomhlaka 25 February 2018.
  4. Bergman, Jennifer. "Heterotrophs". Archived from the original on 29 August 2007. Kulandwe ngomhlaka 30 September 2007.
  5. Douglas, Angela E.; Raven, John A. (January 2003). "Genomes at the interface between bacteria and organelles". Philosophical Transactions of the Royal Society B. 358 (1429): 5–17. doi:10.1098/rstb.2002.1188. PMC 1693093. PMID 12594915.