Jump to content

EMandeni

Mayelana Wikipedia

IMandeni noma Mandini yidolobha eliKwaZulu-Natali, eNingizimu Afrika.[1]Leli dolobha lisesifundeni Ilembe. Leli dolobba lithi alibe ngamakhilomitha angama-22 enyakatho-mpumalanga nedolobha laKwaDukuza (elalaziwa ngelaseStanger), ngaphesheya komfula uThukela. Le ndawo ingamakhilomitha angama-96 ukusuka eThekwini.

IMandeni inoxhaxha lwezitolo ezine, okuyiMandeni Plaza, KwaSiqumbe (Renckens' SuperSpar), Mandeni Mall, Sundumbili Shopping Centre (KwaGcaleka). Ilokishi laseMandeni yiSundumbili, yona-ke enezigceme ezahlukene. Phakathi kwalezi zigceme kukhona iBhidla, iSikhalambazo, iThokoza, iDark City, iRed Hill, i-Island (okubuye kuthiwe yi-Ireland), kwaChappies naseWhite City. Kukhona nendawo eyayihlala abamhlophe kuleziya zikhathi zobandlululo okuthi kuseKwatasi. Leli dolobha linezimboni eziningi ezahlukene nokwenza ukuthi likwazi ukuletha izisebenzi ezisuka ezindaweni eziseduze nakude. iningi lezimboni lesindaweni yazo KwaSithebe. Imboni enkulu neqashe abantu abaningi nguSappi. Le yimboni eyakha iphepha futhi engenkulukazi eNingizimu Afrika. Umfula uThukela lugeleza lwedlule phakathi nendawo yaseMandeni. Isizalo salo mfula sisebangeni elithi malibe ngamakhilomitha ayi-10 mazansana neMandeni.

Yindawo eshisayo le ngezikhathi zasehlobo. Umlando uthi ngoZibandlela zingama-28, ngowezi-2020 kwaqoshwa ukushisa okwafinyelela ema-43oc.

EMandeni
laza
Izwe INingizimu Afrika
Isifundazwe IKwaZulu-Natali
Isifunda ILembe
Umasipala Mandeni
Uhulumeni
Uhlobo uMkhandlu Dolobha
IMeya Thabani Mdlalose
uSekela Meya Phindile Sishi
uSomlomo L.B Magwaza[2]
Ubukhulu
Jikelele 18.02 km²
(6.96 sq mi)
Inani labantu (2011)
Jikelele 3,904[3]
Iqulu 220/km²
(560/sq mi)
Izinhlanga[3]
Izilimi[3]
Isikhathi sendawo SAST (UTC+2)
Inombolo yePosi (umgwaqo) 4490
Ikhodi yocingo 032

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "SOD turns on Mandeni enterprise park" Archived 2020-10-09 at the Wayback Machine.. mandeni.gov.za. Kulandwe ngo-Mfumfu 7, 2020
  2. "Mandeni Local Municipality Speaker. mandeni.gov.za. Kulandwe ngo-Mfumfu 7, 2020.
  3. 3.0 3.1 3.2 Census 2011: Census in brief (PDF). Pretoria: Statistics South Africa. 2012. ISBN 9780621413885. 4. Ntuli, SL 2002. EZASESUNDUMBILI. Durban. Wethu Publishers.