Hollywoodbets

Mayelana Wikipedia

IHollywoodbets yimboni yokubhejela ezemidlalo yaseNingizimu Afrika. Iphinde yaziwe ngokuthi yi-Hollywood Sportsbook. Isebenzela eNingizimu Afrika, eMozambiki, e-Ayilendi nakwiMibuso Ehlangeneyo. Lemboni isiza abantu ngokubheja kwi-website, mobisite, call centre, kanye ne-USSD. Iphinde ibe nama-branch ezitolo zokuthenga eNingizimu Afrika naseMozambiki.


Hollywoodbets
Uhlobo Private
Founded 2000
Ekomkhulu ITheku, I-Ningizimu Afrika
Indawo wakhonza I-Ningizimu Afrika, i-Mozambiki, i-Ayilendi, UMbuso Ohlangeneyo
Imboni Ukugembula
Imidlalo Ukubheja
Employees 5000+
Website www.hollywoodbets.net; m.hollywoodbets.co.mz; www.hollywoodbets.ie; www.hollywoodbets.co.uk

Nge-Hollywoodbets ungabhejela umjaho wamahhashi, ibhola lezinyawo, ikhilikithi, umbhoxo, ithenisi, i-motorsport nokunye okuningi. I-Hollywoodbets iphinde inikezele ngezinombolo zelotho ezingaphezulu kuka-1582 ngeviki ukuze zizobhejelwa.

I-Hollywoodbets yabekwa kwinombolo ka-8 kuhla lwama Top 50 Gaming Sites Worldwide ebhalwa yi-iGaming Business Magazine ngoNdasa kunyaka ka-2019.[1]

Igama[hlela | Hlela umthombo]

Igama le-Hollywoodbets lathathwa kwinkundla yomjaho i-Hollywood Park Racetrack, e-Los Angeles, eMelika.[2]

Umlando[hlela | Hlela umthombo]

IHollywoodbets yaqala ngonyaka ka-1986 njengemboni encane yaseNingizimu Afrika ekhiqiza amaphepha, eyayaziwa ngokuthi yi-Winning Form, eyayisebenza ngokukhiqiza nokudayisa ama-racecards we-South African Horse Racing. I-Winning Form isawakhiqiza ama-racecards, ikhiqizela yonke imijaho yaseNingizimu Afrika.

IHollywoodbets yangena kumkhakha we-bookmaking ngokuvulwa kwe-branch yayo yokuqala yokubheja e-Argyle Road, edolobheni elikhulu iTheku ngonyaka ka-2000. Lokhu kwalandelwa ngokuvulwa kwale-branch edume ngayo manje, iHollywood Park e-Springfield Park, eThekwini.

Amazwe[hlela | Hlela umthombo]

IHollywoodbets njengamanje isebenzela emazweni amane. INingizimu Afrika, iMozambiki, i-Ayilendi kanye noMbuso Ohlangeneyo.


IHollywoodbets inezitolo ezingu-81 eNingizimu Afrika yonke ngaphansi kwamalayisensi ezemidlalo akhishwa yiziqapha'mthetho eGoli, eNtshonalanga Kapa, eMpumalanga Kapa, eLimpopo, eMpumalanga, naKwaZulu Natali.

Njengamanje, mabili ama-brance we-Hollywoodbets eMaputo, eMozampiki; kanye nendlela yokubheja ngomakhalekhukhwini.

NgoMfumfu ngonyaka ka-2018, i-Hollywoodbets yavula i-website e-Ayilendi, yenza imisebenzi yayo itholakale kalula kumakhasimende ase-Ayilendi. Lokhu kwaba yimpumelelo ngenxa yelayisense yabo yokubheja eyakhishwa yi-Isle of Man. NgoNdasa ngonyaka ka-2019, lemboni yaya kwi-inthanethi nge-website yabo kwiMibuso Ehlangeneyo. Ilayisense yabo yokubheja yakhishwa yi-UK Gambling Commission.

Ukuxhasa[hlela | Hlela umthombo]

Lemboni iyona eluxhaso lwesihloko lweqembu lekhilikithi i-Hollywoodbets Dolphins. Baqala ngokuba ophathina ngokubaxhasa kwisizinda sango-2015/16,[3] ngaphambi kokuba babe uxhaso lwesihloko kusukela kwisizinda sango-2016/17.[4]

I-Hollywoodbets yaxhasa amaqembu abadala i-KwaZulu-Natal Coastal kanye ne-KwaZulu-Natal Inland kwi-Africa T20 Cup yangonyaka ka-2017. I-Hollywoodbets KZN Inland yaphuma phambili kuleyo thonamenti, ngemuva kokuhlula iFuleyisitata kumafayinali.[5] Ekuqaleni kwesizinda sekhilikithi yasekhaya sango-2018/19, i-Hollywoodbets yazinikela ekuxhaseni womabili amaqembu abadala i-KwaZulu-Natal Coastal kanye ne-KwaZulu-Natal Inland isizinda sonke, kubalwa i-Africa T20 Cup, i-3 Day Cup kanye nomncintiswano i-50 Over.[6]

I-Hollywoodbets yathatha izintambo njengabaxhasi besihloko be-Murray Cup ngonyaka ka-2018.[7] Lokhu kwakungumncintiswano we-knock-out webhola lombhoxo elibandakanya amaqembu angaphansi kwe-KwaZulu-Natal Rugby Union.

I-Hollywoodbets yaba ngabaxhasi besihloko bohlelo lwebhola lombhoxo i-Phaka kwi-Supersport ngoNhlolanja, ngonyaka ka-2019. Ubudlelwano boxhaso lwe-Hollywoodbets olusha naloluhlelo luzovumela ukuba lemboni ilekelele amaqembu ombhoxo asakhula adinga uxhaso nezinsiza kusebenza ukuze azokhulisa amakhono abadlali awo.[8]

I-Hollywoodbets yathatha indawo njengabaxhasi be-COSAFA Cup yangonyaka ka-2019, eyabanjelwa eThekwini kusukela ngezi-25 kuNhlaba kuya kwizi-8 kuNhlangula ngonyaka ka-2019.[9]

Ngolwesine, ngezi-27 kuNhlangula ngonyaka ka-2019, i-Hollywoodbets yamenyezelwa njengomxhasi onelungelo lokuqoka igama elisha lezinkundla zomujaho ezimbili, i-Greyville, kanye ne-Scottsville, kwisivumelwano seminyaka emithathu. Lezi zinkundla sezizokwaziwa nge-Hollywoodbets Greyville Racecourse kanye ne-Hollywoodbets Scottsville Racecourse.[10]

NgoMsombuluko, ngezi-7 ku-October ngonyaka ka-2019, iHollywoodbets yamenyezelwa njengomxhasi onelungelo lokuqoka igama elisha le-Kingsmead Cricket Ground, kwisivumelwano seminyaka emihlanu, ezophela ngo-Ncwaba ngonyaka ka-2024.[11]

Iqhaza Emphakathini[hlela | Hlela umthombo]

Yonke i-brance ye-Hollywoodbets eNingizimu Afrika ilekelela i-charity yakuleyo ndawo, kanjalo namaqembu ezemidlalo, njenge nxenye ye-Social Responsibility Programme yabo. Okubalwa kuko amakhaya ezintandane,[12] ama-centers omphakathi, amakhaya abadala kanye nezikole.

Ephuzwini lamaqembu ezemidlalo, kubalwa amaqembu ebhola lezinyawo,[13] ikhilikithi,[14] umbhoxo,[15] kanye neminye imidlalo.

Ukudla[hlela | Hlela umthombo]

I-Hollywood Bunny Bar, engaphansi kwe-Hollywoodbets, inama-brance angu-8 kwizifundazwe zaseNingizimu Afrika iGoli, iKwaZulu-Natal, IMpumalanga Kapa kanye neNtshonalanga Kapa. Lama brance, adume kakhulu ngo-curry bawo baseThekwini, nokutomula indondo ye-Best Bunny Chow ngonyaka ka-2014, ngemuva kokuphuma phambili kwi-Bunny Chow Barometer Challenge 2014.[16]

Ama-Brand Embassador[hlela | Hlela umthombo]

Ngonyaka ka-2016, umdlali owayengowe-Orlando Pirates kanye neBafana Bafana u-Jerry Sikhosana waqokwa njenge-brand ambassador ye-Hollywoodbets.[17]Ngonyaka ka-2017, ukhipha owayengowe-Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns kanye neBafana Bafana u-Brian Baloyi naye wajoyina njenge-brand ambassador ye-Hollywoodbets.[18]

NgoNdasa ngonyaka ka-2019, owayeyi Champion jockey yaseNingizimu Afrika u-Anthony Delpech wajoyina njenge-brand ambassador ye-Hollywoodbets, nokulekelela kokuxhasa umjaho wamahhashi lo i-Hollywoodbets ebandakanya kukho.[19]

NgoMbasa ngonyaka ka-2019, owayengumdlali wekhilikithi waseNingizimu Afrika uMike Procter wajoyina njenge brand ambassador ye-Hollywoodbets.[20]

Izindondo[hlela | Hlela umthombo]

Ngonyaka ka-2018 kwi Gambling Industry Awards ebanjelwa eNingizimu Afrika, iHollywoodbets yaqomula I-Best Corporate Social Investment (CSI), i-Best Sports Betting Campaign yangonyaka ka 2018, i-Best Employer of the Year kanye ne-Best CEO of the Year (ngo-Suren Rampersadh).[21][22]

Izinkomba[hlela | Hlela umthombo]

  1. https://magazine.igamingbusiness.com/2019/03/19/top-50-gaming-sites-worldwide-4/content.html
  2. http://www.gamingintelligence.com/business/39277-betconstruct-to-power-online-sportsbook-for-south-african-bookmaker
  3. https://www.ecr.co.za/news/sport/sunfoil-dolphins-sign-associate-sponsor/
  4. http://cricket.co.za/news/14364/Dolphins-and-Hollywoodbets-strike-sponsorship-deal[dead link]
  5. https://northglennews.co.za/117560/hollywoodbets-kzn-inland-win-africa-t20-cup-final-style/
  6. https://dolphinscricket.co.za/hollywoodbets-backing-kzns-senior-provincial-teams/
  7. "Archive copy". Archived from the original on 2018-08-17. Kulandwe ngomhlaka 2021-03-02.CS1 maint: Archived copy as title (link)
  8. https://www.sport24.co.za/Rugby/hollywoodbets-new-sponsor-of-supersports-phaka-show-20190208
  9. https://www.cosafa.com/hollywoodbets-to-sponsor-2019-cosafa-cup/
  10. https://www.sportingpost.co.za/2019/06/hollywoodbets-sponsor-kzn-racecourses/ Archived 2020-10-20 at the Wayback Machine.
  11. https://www.pressreader.com/south-africa/the-mercury-south-africa/20191008/281633896986604
  12. "Archive copy". Archived from the original on 2017-12-22. Kulandwe ngomhlaka 2021-03-04.CS1 maint: Archived copy as title (link)
  13. https://albertonrecord.co.za/142505/hollywood-bets-sponsors-soccer-kids/
  14. https://northglennews.co.za/103149/interesting-facts-around-hollywoodbets-dolphins/
  15. "Archive copy". Archived from the original on 2019-02-13. Kulandwe ngomhlaka 2021-03-05.CS1 maint: Archived copy as title (link)
  16. Moodley, Camara. "Hollywood Bets crowned the Bunny Chow kings". Rising Sun Overport. Rising Sun Overport. Archived from the original on 21 September 2014. Kulandwe ngomhlaka 19 September 2014.
  17. Tseke, Malebo. "Company welcomes new brand ambassador". The Tembisan. The Tembisan. Archived from the original on 22 April 2016. Kulandwe ngomhlaka 21 April 2016.
  18. "Brian Baloyi - New Hollywoodbets Brand Ambassador". Hollywoodbets Sports Blog. Archived from the original on 19 May 2018. Kulandwe ngomhlaka 8 September 2017.
  19. "Delpech joins Hollywoodbets | Turf Talk". Turf Talk. Archived from the original on 5 July 2020. Kulandwe ngomhlaka 13 March 2020.
  20. "Mike Procter signs on as Hollywoodbets Brand Ambassador". Hollywoodbets Blog. Archived from the original on 1 October 2020. Kulandwe ngomhlaka 1 April 2020.
  21. "GI AWARDS 2018 WINNERS". Gambling Industry Awards. Archived from the original on 2019-04-16. Kulandwe ngomhlaka 2021-03-06.
  22. "SA's Leading Bookmaker Shows The Way". Sporting Post (in i-English). 6 September 2018. Archived from the original on 16 April 2019. Kulandwe ngomhlaka 6 September 2018.