Uzungezohlelo lweLanga

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Uhlelo Lemihlaba YeLanga)
Uzungezohlelo lwelanga - imizulane ezungeza inkanyezi yethu iLanga

UNozungezilanga uyisimiso esinqalomnyondo selanga nezindikimba ezizungeza kulo. ILanga lizungezwa imiZulane, imihlabana namabhaqanyezi nokunye. Wadaleka eminyakeni eyizigidigidi ezine ezidlule. Uhlelo likanozungezilanga ladalwa umNyondo efwini lamachembe elikhulu. Iningi lotho lwahlangana emnyombweni lapho amaphesenti angu-99 alo akha isisindo selanga, kuyilapho utho olusele lwasakazeka lwaba izindikimba eziyisicaba esizungezayo. ImiZulane emine eyisimiso esiphakathi- uNomjubane, uNokhwezi, uNomkhubulwane noNotshezi, ziyimiZulane eyitshe, ngoba zakhiwa amatshe nenkimbi futhi zimkhumanqa. Bese imiZulane engamaqhamela ziyisimiso esingaphandle, mikhulu futhi inesisindo esikhulu. UMkhulukhulwana noNomaxhama bangamaqhamela wohowo, akhiwa ngokuyinhloko ihwanzi nehwelanga; bese kuthi UNomakhekheba noNolundwa kube amaqhamela weqhwa, akhiwa iziqa ezincibilika kanzima.

Uzungezohlelo lweLanga