Jump to content

Inhlwa yevanga

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Ama-elementhi)

INhlwa yevanga iwuhlobo lwechwe elinesibalo esithile seziNelesi enuzini yalo, ihlanganisa nesiqa esicwebile esiqukethe lolohlobo kuphela. Ngokungafani nemixube yevanga, izinhlwa zevanga azinakuwohlozeka zibe ezinye iziqa. Inani lezinelesi enuzini yisona sakhi esichasisa inhlwa, futhi kubhekiselwa kulo ngokuthi inani lobuchwe - wonke amachwe enani lobuchwe elifanayo angamachwe enhlwa efanayo. Cishe lonke uTho lobunkindisi kumkhathilibe lwakhiwa izinhlwa zevanga. Lapho izinhlwa ezingafani zibhekana nokusabela kwevanga, amachwe ahleleka kabusha abe yimixube emisha ebanjwe ndawonye izibhonqi zevanga. Zimbalwa izinhlwa ezitholakala zingaxubene nezinye futhi zicwebe njengezimbiwa zemvelo, iCwebe neMbedu. Zonke ezinye izinhlwa zitholakala kuNomkhubulwane ziyimixube noma izimvange. Umoya ngokuyinhloko uyinhlanganisela yezinhlwa iNihwe, isOhwe nesAlahwe, nakuba uqukethe imixube ehlanganisa umCalahle ontuhlambili namanzi.

Periodic_table_(polyatomic) Umlando wokuvubukulwa nokusetshenziswa kwezinhlwa waqala emiphakathini yakudala yabantu eyaqala ngokuvubukula izimbiwa ezifana noMcalahle, Isibabuli, usoklele nemBedu (nakuba isicabango senhlwa sasingakaqondwa). Imizamo yokujinja izinhlwa ezifana nalezi yaphumela esicabangweni sezinhlwa zakudala, ubuthakathi, kanye neminye imibono efanayo ekhona emlandweni. Imvama yokuqondwa kwanamuhla kwezinhlwa yathuthuka kusuka emsebenzini kaDimitri Mendele, umthaki waseRashiya owashicilela icansi lezinhlwa lokuqala elaziwayo ngonyaka we-1869. Leli cansi lihlela izinhlwa ngokukhuphuka kwenani lobuchwe kube izinhlu ("periods") lapho imiqobe ("groups") ecobelelana khona ("periodic") ngezakhi zokubumbeka nezakhi zevanga. Icansi lezinhlwa lifingqa izakhi ezihlukene zezinhlwa, okuvumela abathaki batomule ukuhlobana phakathi kwazo futhi babikezele ngemixube emisha engase yenzeke.

Incaziso

[hlela | Hlela umthombo]

Izinhlwa zevanga eziluhlengesi yiHwanzi neHwelanga, zombili ezidalwa ukusabela okwenzeka endeni yokuQhuma okuKhulu, emva kwemizuzu engama-20 yokuzalwa koMkhathilibe, kanye namachaphaza wezinhlwa ezimbili ezilandelayo, okungumThanya neBehlezani. Cishe zonke ezinye izinhlwa ezisemvelweni zadalwa izinqubo zemvelo ezihlukahlukene zokulumbanisa iNuzi. Emhlabeni, ngamanani amancane wamaChwe amasha akhiqizeka ngokwemvelo ngokusabela okwenzeka enuzini, noma imidludlungu yasemkhathini. Amachwe amasha aphinde akhiqizeke emhlabeni njengamaChembe wemisebe yokubucuka kokuyonzeka okuqhubekayo okufana nokubucuka kokuqala, ukubucuka kwesibili Kanye nengxubano engalindelwe, ukubucuka kwesixheke kanye nezinye izindlela zokubucuka eziyivela kancane.

Ezinhlweni ezingama-94 ezitholakala ngokwemvelo, lezo ezinenani lobuchwe kusuka kwelilodwa kuya kwangama-82, ngawodwa cishe anechembe elilodwa elizinzile (ngaphandle komThanyambi, inhlwa yama-43 kanye nomPhomethimbi, inhlwa yama-61, zombili ezingenawo amachembe azinzile). AmaChembe athathwa njengazinzile yilawo okungakabonwa kubucuka okuyonzayo kuwo. Izinhlwa ezinenani lobuchwe kusuka kwelangama-83 kuya kwelengama-94 zona azizinzile neze kuze kube sezingeno lapho ukubucuka okuyonzayo kwawo wonke amachembe kuhlongeka kalula. Ezinye zalezi zinhlwa, ngokuphawulekayo iBima (inani lobuchwe elingama-83), isiThomsizi (inani lobuchwe elingama-90) kanye neShaqantuva (inani lobuchwe elingama-92), zinechembe elilodwa noma ukweqa elinempilo eyisigamu eyanele ukuphila njengezinsalela zokuqhuma komlumbanisonuzi (nucleosynthesis) wenkanyezi okwakhiqiza izinkimbi ezinzima ngaphambi kokudalwa kohlelo lozungezolanga lwethu. Ngeminyaka eyizi-1019 eziphindwe ngo-1.9, okuyiminyaka engaphezu kwaleyo yomkhathilibe wethu ngobudala, iBima-209 ( inani lobuchwe elingama-83 ) linokubucuka kokuqala obude bempilo-sigamu obaziwayo kunanoma iyipho inhlwa etholakala ngokwemvelo, futhi uhlezi ubhekwa njengofana nezinhlwa ezingama-80 ezizinzileyo. Izinhlwa ezinzima kakhulu (lezo ezilandela imPulu, inhlwa yama-94) zibhekana nokubucuka okuyonzayo ngezimpilo-sigamu ezilufuphi kakhulu futhi ezingatholakali emvelweni kudingeka zilumbaniswe.

Inani lobuchwe

[hlela | Hlela umthombo]

Inani lobuchwe lenhlwa lilingana nenani lezinelesi zechwe ngalinye, futhi yilona elichasisa inhlwa.[1] Ngokwesibonelo, wonke amaChwe womCalahle aqukethe izinelesi eziyisi-6 enuzini lechwe; ngakho inani lobuchwe lomCalahle yisi-6.[2] AmaChwe womCalahle kungenzeka abe namanani wezintunge ahlukile; amachwe wenhlwa efanayo anamanani wezintunge ezihlukile aziwa ngokuthi amaChembe wenhlwa.[3]

Inani lezinelesi enuzini lechwe libuye linqume umlelesa, wona onquma inani lezinzuba zechwe esimweni salo sokuhonyozeka. Izinzuba zigcinwa ekuzungezeni ichwe okuyinto enquma izakhi zevanga ezihlukene zechwe. Inani lezintunge enuzini imvama alinawo umthelela omkhulu ezakhini zevanga zenhlwa. Ngaleyondlela , wonke amaChembe womCalahle acishe abe nezakhi zevanga ezifanayo ngokuba wonke anezinelesi eziyisi-6 nezinzuba eziyisi-6, nakuba amachwe womCalahle engaba nezintunge eziyisi-6 noma isi-8. Ingakho inani lobuchwe, kunenani lesisindo noma ubunzima bechwe, lithathwa njengenkondolo ehlonzayo lenhlwa yevanga.

Uphawu lwenani lobuchwe ngu- Z.

AmaChembe

[hlela | Hlela umthombo]

Amachembe angamachwe wenhlwa efanayo (enenani lezinelesi elifanayo enuzini lechwe), kodwana anenani elihlukile lezintunge. Ngokwesibonelo, ingakho kunamachembe amathathu ayinhloko womCalahle. Wonke amaChwe womCalahle anezinelesi eziyisi-6 enuzini, kodwa angaba nezintunge eziyisi-6, isi-7 noma isi-8. Njengoba amanani esisindo awo kuyi-12, i-13 ne-14 ngokulandelana, amaChembe amathathu womCalahle azowa ngokuthi umCalahle we-12, umCalahle we-13 nomCalahle we-14, futhi afinyezwa kanje 12C, 13C, and 14C. UmCalahle wansuku zonke nalowo womchazaziqa uyingxube yo 12C (okungaba 98.9%), 13C (okungaba 1.1%) kanye nokungaba ichwe elilodwa kwayisigidi wo 14C.

Icansi lezinhlwa

[hlela | Hlela umthombo]

Icansi elilandelayo liveza izinhlwa ezaziwayo eziyi-118.

Inhlwa ngesiNgisi (IUPAC) Uphawu Inombolo yobuchwe Isisindo sobuchwe
[u]
isiLuthi
[kg/m³] (20 °C)
Ekuncibilikeni
(°C)
Ekudlidlizeni (°C) uNyaka
wokuvubululwa
umVubululi
IsAcaguactiniumAc89227,0310070104731971899Debierne
IsAlumbealuminiumAl1326,982700660,524671825Ørsted
IsAmoshiamericiumAm95243,061367099426071944Seaborg
IsiBidaniantimonySb51121,756690630,71750zamani(?)
IsAlahweargonAr1839,941,66 −189,4 −185,91894Ramsay,
Strutt
IsAsumuarsenicAs3374,925720613 2)613 2)11. Jhd.Albertus Magnus
IsAtshaastatineAt85209,99
3023371940Segrè
umBhanyabariumBa56137,33365072516401808Davy
ImBekeberkeliumBk97247,0713250986
1949Seaborg
IBehlezaniberylliumBe49,011850127829701797Vauquelin
IBimabismuthBi83208,989800271,415601540Agricola
UmthofuleadPb82207,211340327,51740zamani(?)
IBhohombibohriumBh107262,12


1976Oganessian
umBohlwaboronB510,812460230025501808Davy,
Gay-Lussac
UmBhulufubromineBr3579,903140−7,358,81826Balard
UmKhathoficadmiumCd48112,4186403217651817Stromeyer und
Hermann
UmCangacesiumCs55132,91190028,46901860Kirchhoff,
Bunsen
UmCaphanacalciumCa2040,078154083914871808Davy
UmNgcalifecaliforniumCf98251,0815100900
1950Seaborg
IShambeceriumCe58140,11677079832571803von Hisinger, Berzelius
IChwenzichlorineCl1735,452,95−101 −34,61774Scheele
UmChiyangqwalachromiumCr2452,007140185724821797Vauquelin
UmConjambicobaltCo2758,9338890149528701735Brandt
IChumumbicuriumCm96247,0713510134031101944Seaborg
IDamasimbidarmstadtiumDs110269


1994GSI
UmDubumbidubniumDb105262,11


1967/70Ghiorso
UmDanyathofidysprosiumDy66162,58560140923351886Lecoq de Boisbaudran
IsEntshenyeeinsteiniumEs99252,08
860
1952Seaborg
InsimbiironFe2655,85787015352750zamani(?)
INdwembierbiumEr68167,269050152225101842Mosander
UmNulundueuropiumEu63151,96525082215971901Demarçay
UmFemefermiumFm100257,10


1952Seaborg
UFusihweflourineF919,001,58−219,6 −188,11886Moissan
IShabalalambifranciumFr87223,02
276771939Perey
UmGedembulugaboliniumGd64157,257890131132331880de Marignac
UmGambanagalliumGa3169,72591029,824031875Lecoq de Boisbaudran
UmGwangazagermaniumGe3272,615320937,428301886Winkler
iMbedugoldAu79196,97193201064,42940zamani(?)
UmHlafantungeHafniumHf72178,4913310215054001923Coster,
de Hevesy
UmHasambiHassium108265,00


1984GSI
IHwelangaHeliumHe24,000,170−272,2 −268,91895Ramsay,
Crookes
UmHomambiholmiumHo67164,938780147027201878Soret
IHwanzihydrogenH11,010,084 −259,1 −252,91766Cavendish
INzulumbiindiumIn49114,827310156,220801863Reich,
Richter
InkwithiiodineI53126,904940113,5184,41811Courtois
ImbidiiridiumIr77192,2222560241041301803Tennant
UmKhoshapotassiumK1939,09886063,77741807Davy
UmCalahlecarbonC612,011351035504827zamani(?)
UmKhalahwekryptonKr3683,803,48−156,6−152,31898Ramsay,
Travers
UsoklelecopperCu2963,5589201083,52595zamani(?)
ILalamthumbiLanthanumLa57138,90616092034541839Mosander
UmLangalambilawrenciumLr103260,10
1627
1961Ghiorso
UmThanyaLithiumLi36,94530180,513171817Arfwedson
UmLuthambiLutetiumLu71175,009840165633151907von Welsbach,
Urbain
UmGetheMagnesiumMg1224,301740648,811071828Bussy
UManyaziniManganeseMn2554,907440124420971774Gahn
UMtshambimeitneriumMt109266


1982GSI
UMendeleMendeleviumMd101258,1


1955Seaborg
UMophobomolybdenumMo4295,9410280261755601778Scheele
INasidesodiumNa1122,9997097,88921807Davy
INdalamhonyambineodynNd60144,247000101031271895von Welsbach
INkanyihweneonNe1020,180,84 −248,7 −246,11898Ramsay
Travers
UmNaphangananeptuniumNp93237,052048064039021940McMillan
Abelson
INimbinickelNi2858,698910145327321751Cronstedt
INoboniobiumNb4192,918580246849271801Hatchet
INihwenitrogenN714,011,170 −209,9 −195,81771Scheele
INombinobeliumNo102259,10


1958Seaborg
UmOsisivuosmiumOs76190,222590304550271803Tennant
ImPandapalladiumPd46106,4212020155231401803Wollaston
IPholobaphosphorusP1530,971820442801669Brand
IKhaziplatiniumPt78195,0821450177238271557Scaliger
ImPuluplutoniumPu94244,061974064133271940Seaborg
ImPosumupoloniumPo84208,9892002549621898Marie Curie
UmPhahlazambipraseodymiumPr59140,91648093132121895von Welsbach
UmPhomethimbipromethiumPm61146,927220108027301945Marinsky
UmPhacaguprotactiniumPa91231,0415370155440301917Fajans
Hahn,
Meitner
IsigidimercuryHg80200,5913550 −38,9356,6zamani(?)
UmSebembiradiumRa88226,03550070011401898Marie und
Pierre Curie
UmLahweradonRn86222,029,23 −71 −61,81900Dorn
UMlenembirheniumRe75186,2121030318056271925Noddack,
Tacke,
Berg
ULundurhodiumRh45102,9112410196637271803Wollaston
ILugambiRentgeniumRg111272


1994GSI
ILubimboRubidiumRb3785,451530396881861Bunsen,
Kirchhoff
ISalanqwaliRutheniumRu44101,0712450231039001844Claus
UmLefelambiRutherfordiumRf104261,11


1964/69Ghiorso
UmSambiSamariumSm62150,367540107217781879Lecoq de Boisbaudran
IsOhweoxygenO816,001,33 −218,4 −182,91774Priestley,
Scheele
IScambiscandiumSc2144,962990153928321879Nilson
IsibabulisulfurS1632,072060113444,7zamani(?)
ISigamchibiseaborgiumSg106263,12


1974Oganessian
ISeweziSeleniumSe3478,9648202176851817Berzelius
iCwebesilverAg47107,8710490961,92212zamani(?)
ISiphembasiliconSi1428,092330141023551824Berzelius
IsiThanambitinSn50118,7172902322270zamani(?)
ISolombistrontiumSr3887,62263076913841798Klaproth
UmThulumbitantalumTa73180,9516680299654251802Ekeberg
UmThanyambitechnetiumTc4398,9111490217250301937Segrè
InTehlatelluriumTe52127,66250449,69901782von Reichenstein
UmThabathofiterbiumTb65158,938250136030411843Mosander
UmThohlathalliumTl81204,3811850303,614571861Crookes
IsiThomsizithoriumTh90232,0411720175047871829Berzelius
UmThuthumbithuliumTm69168,939320154517271879Cleve
IsinTsazayiyatitaniumTi2247,884510166032601791Gregor,
Klaproth
IChusinimbiCoperniciumUub112277


1996GSI
ILivambiLivermoriumUuh116289


2000JINR
IsOgambioganessonUuo118293


2006JINR
UMcombiMoscoviumUup115288


2006JINR
UmFelombifleroviumUuq114289


1999JINR
UmNihombinihoniumUut113287


2006JINR
IShaqantuvauraniumU92238,03189701132,438181789Klaproth
UVathofivanadiumV2350,946090189033801801del Río
UmZithowetungstenW74183,8519260340759271783Fausto und Juan
de Elhuyar
UmYabambiytterbiumYb70173,04697082411931878de Marignac
UmYambiyttriumY3988,914470152333371794Gadolin
IZethezincZn3065,397140419,6907zamani(?)
IXhwexenonXe54131,294,49 −111,9 −1071898Ramsay,
Travers
IZambeduzirconiumZr4091,226510185243771789Klaproth

Isilulumagama nezimpawu

[hlela | Hlela umthombo]

Izinhlea zevanga ezihlukahlukene zihlonzwa ngokusemthethweni ngamanani azo wobuchwe, amagama azo amukelwayo, kanye nezimpawu zawo ngokwevanga.

Amanani wobuchwe

[hlela | Hlela umthombo]

Izinhlwa ezaziwayo zinamanani wobuchwe aqala kulinye (1) kuya ekhulwini elineshumi nesiphohlongo (118), alotshwa ngezibalonani zase-Arabiya. Njengoba izinhlwa zingakleliswa ngenani lobuchwe, kusuka kweliphansi kuya kweiliphezulu (njengasecansini lobunkathi), ngezinye izikhathi amaqoqo ezinhlwa angahlonzwa ngokuthi kuthiwe, "through", "beyond", or "from ... through", as in "through iron", "beyond uranium", or "from lanthanum through lutetium" .

  1. "Atomic Number and Mass Numbers". ndt-ed.org. Archived from the original on 12 February 2014. Kulandwe ngomhlaka 17 February 2013. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  2. periodic.lanl.gov. "Periodic Table of Elements: LANL Carbon". Los Alamos National Laboratory. Archived from the original on 25 January 2021. Kulandwe ngomhlaka 17 February 2013. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  3. Katsuya Yamada. "Atomic mass, isotopes, and mass number" (PDF). Los Angeles Pierce College. Archived from the original (PDF) on 11 January 2014. Unknown parameter |url-status= ignored (help)